IZIKHULU zamaphoyisa zixwayisa amalungu alo mbutho ngokuzithathela umthetho ngezandla uma exazulula izinkinga zasekhaya.
Lokhu kulandela isigameko sangoMgqibelo eNelspruit eMpumalanga, lapho iphoyisa likamasipala lingqokloze ngenhlamvu iphoyisa lomgwaqo lilibamba nonkosikazi walo endaweni yokulala.
Kuthiwa umsolwa oneminyaka engu-38 ubudala ufike endaweni yokulala iKwanyoni Lodge wagasela kwelinye lamagumbi okulala engamenyiwe, wafica unkosikazi wakhe esemashidini amhlophe nephoyisa lomgwaqo.
Kuthiwa kuqubuke ingxabano phakathi kwalawa malungu ombutho, lazama ukubaleka iphoyisa lomgwaqo kanti umyeni weshende uzovulela ngenhlamvu edubula kumufi kabili waphangalala khona lapho.
Ngokusho kukaCaptain Dineo Sekgotodi, okhulumela uphiko loKlebe eMpumalanga, unkosikazi usale endaweni yesigameko engenamyocu.
“Abaphenyi becala bashayele umsolwa bemnxusa ukuba azinikele emaphoyiseni. Nebala uzinikele kwathathwa nesibhamu sakhe somsebenzi okukholakala ukuthi usebenzise sona ebulala ephoyisa lomgwaqo,” kusho yena.
Umsolwa uvele phambi kweMantshi yaseNelspruit ngoMsombuluko. Icala lakhe lihlehliselwe umhla ka-21 kwephezulu.