KUSHINTSHE ukudla endishini kwelikaMeyiwa kufundwa ubufakazi babantu abafika endaweni yesigameko ngemuva kokuzwakala kokuqhuma kwesibhamu.
Lokhu kuvezwa u-Advocate Zandile Mshololo opheka ngemibuzo ufakazi wokuqala wombuso, uSergeant Thabo Mosia.
Lokhu ukwenza kulandela ukubuza uMosia ngokuthi umzimba kamufi.
UMosia uphendule ngokuthi wafika kule ndawo umufi engasekho, ngaleyo ndlela akazi kahle ukuthi isidumbu sakhe sasikuphi kodwa walishutha igazi elalisodongeni nasegumbini lokuphumula. Uthi akazange ayihlole nemoto kamufi ukubheka ukuthi akophelanga kuyona yini ngesikhathi ephuthunyiswa esibhedlela.
OKUSHAQISAYO, uMshololo unxuse inkantolo ukuthi kuvezwe ubufakazi babantu abathile obubhalwe phansi. Kulobu bufakazi kubhalwe ukuthi: “Sizwe kuqhuma isibhamu, saphuthuma endlini siyobona ukuthi kwenzenjani. Sathuka sibona ukuthi kugcwele amanzi endlini kusuka ekhishini kuya ngasendlini encane. Sabona kugezwa phansi.”
Lobu bufakazi buqhubeka nokuthi: “ngemuva kwalokho, ngibe sengibona umama eqoqa amakani otshwala, uma ngibuza ukuthi uqoqelani? Wathi akafuni amaphoyisa abone ukuthi bekuphuzwa lapha endlini.
“Ngemuva kwalokho, kube sekufika amaphoyisa, angqongqoza avulelwa. Ngemuva kwesikhashana kwafika amanye amaningi nokuyiwona avala indawo ukuze kubonakale ukuthi kukhona okwenzekile.
Kuthiwa uMosia ufike sekwenzeke konke lokhu, okusho ukuthi ufike ngemuva kwendaba.
Uvumile ufakazi wokuqala (Mosia) ukuthi ngempela ufike sekukhona ozakwabo nendawo isivaliwe.