LIDUTSHULWE lizihlalele emotweni iphoyisa ngesikhathi kubanjwa inkunzi endaweni yokucima ukoma eseGugwini, eNanda.
UMnuz Dumisani Mabaso (48), obesebenzela esiteshini samaphoyisa esiseMtateni, kuthiwa ubezihlalele emotweni yakhe ebipake eduze kwethaveni ekule ndawo, ngesikhathi abasolwa abebebamba inkunzi bedubula bebhekisa ngakuye, waphuthunyisa emtholampilo elimele kabi.
Kuthiwa uphelele emtholampilo ngemuva kwesikhashana engenisiwe.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, uMabaso ubengekho emsebenzini ngesikhathi kwenzeka isigameko kanti kuthiwa abasolwa babuye bathatha nesibhamu sakhe somsebenzi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa ayaphenya.
“Amaphoyisa aphenya icala lokubulala nelokubamba inkunzi, njengoba abasolwa bebambe inkunzi umsebenzi kwelinye lamabhizinisi bashaqa isamba semali engadalulwangwa. Kubikwa ukuthi ngesikhathi beqhubeka bebamba inkunzi, bavulele ngenhlamvu bebhekise ephoyiseni ebelingekho emsebenzini ebelizihlalele emotweni, lashona ngemva kwesikhashana lingeniswe emtholampilo. Abasolwa basagcwele amathafa,” usho kanje.
Ngesikhathi ekhipha izibalo zobugebengu zekota yokuqala yonyaka u-2023/2024, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, wathi emaphoyiseni ayisithupha abulewe KwaZulu-Natal, amahlanu abulawe engekho emsebenzini.