UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uNkk Mbali Frazer uthe bazoqhubeka nokunxenxa inkampani ephakela ngamandla kagesi, i-Eskom ukuthi njenganyakenye kwehliswe ukucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga ezikoleni ngesikhathi kubhalwa izivivinyo zokuphela konyaka.
Kulindeleke ukuthi abafundi baka-matric baqale ukubhala izivivinyo ngo-Okthoba 30, kanti uNkk Frazer ekhuluma nabezindaba uthe bafisa ukuthi ungacinywa ugesi.
“Njengonyaka odlule, nakulokhu sizobacela abase-Eskom ukuthi bengawucimi ugesi, ukuze kungaphazamiseki ukufunda nokufundisa. Kodwa ke izikole eziningi okungenzeka kube nokuphazamiseka kukagesi, zinawo ama-generator ukuqapha isimo,” usho kanje.
NgoLwesibili, ubehambele esikoleni esiseMgungundovu iLinpark High, lapho kukhempe khona abafundi baka-matric bezikole ezehlukene, abahlangene ngenhloso yokuzicijela lezi zivivinyo.
Ekhuluma nabafundi, uthe selidumela emasumpeni ngokubhalwa kwezivivinyo ngakho kumele baqinise kakhulu ekufundeni ukuze bathole imiphumela egculisayo.
Lesi sifundazwe, nyakenye sigile izimanga siphasa ngo-83% obekusho ukwenyuka kwezinga lokuphasa ngo- 6,2 % uma uqhathanisa no- 76.8 % wango-2021, kanti kulokhu sinenselelo yokwenza kahle kakhulu.
Bangu- 170 637 abafundi baka-matric kulesi sifundazwe abafunda ngokugcwele okulindeleke ukuthi babhale izivivinyo zabo, babengu-23 338 ababhalisele ukufunda ngokohlelo lwezikhathi ezithile kuphela. I-Mathematical Literacy yisona sifundo esinesibalo esiphezulu sabafundi abazosibhala, njengoba bengu- 436 945 kuzwelonke.
Zingu- 1 700 izikhungo okuzobhalelwa kuzo ezikoleni zikahulumeni, zibe ngu-63 ezikoleni ezizimele kusona sonke isifundazwe.
Ukuqeqeshwa kwabazobe bebhekele ukubhalwa kwezivivinyo kuqale ngenyanga edlule kanti kulindeleke ukuthi kuphothulwe kuleli sonto.