BAHLAFUNA bejeqeza abantu baseCato Crest ngenxa yokwanda kobugebengu obuhambisana nezibhamu. Lokhu kuhlale obala ngoLwesibili ebusuku amaphoyisa etholana phezulu nabasolwa kweminye yemizi ekule ndawo.
Okhulumela amaphoyisa, uRobert Netshiunda, uthe akulona iqiniso ukuthi amaphoyisa aqinisa kakhulu isandla kwabasolwa ngobugebengu njengoba kuyisehlo sesine lesi emasontweni amabili sokubulawa kwabantu okuthiwa bebefunelwa amacala abucayi.
NgoLwesibili olwedlule, abasolwa abathathu abebefunelwa inqwaba yamacala okubulala okuhlanganisa noSergeant Yekani Siboniso Thabete, badutshulwe babulawa eCongo, eNanda. USergeant Thabete, obeyilungu leKwaMashu Tracking Team, wahlaselwa waphucwa izikhali wadutshulwa wabulawa ngesibhamu somsebenzi.
NgoLwesine, umsolwa oyedwa okuthiwa ubeyingxenye yabagebenge i-ATM wadutshulwa wabulawa amaphoyisa abemjaha eMandlankala, eSikhaleni.
Ekuseni ngovivi (ngoLwesihlanu olwedlule), abanye abasolwa abathathu basala enkundleni bedubulana namaphoyisa balimala kabi emzini oKwaDlangezwa eMpangeni. Kusolwa ukuthi nabo babeyingxenye yesigameko sokuqhunyiswa kwe-ATM okwenzeke ngoLwesine.
Kube esifanayo eNanda abasolwa ababili bezithela olakeni lwamaphoyisa. Laba ababili abebengamalungu eqembu elidume kabi iWest Gang bebevaleleke ekhoneni emzini ose-Angola e-Mawoti eNanda bedudulana namaphoyisa ngenhlamvu. Kuthiwa bebefunelwa amacala okungenani amane okubulala.
Esigamekweni sangoLwesibili esenzeke emgwaqweni uStandard eCato Crest, amaphoyisa agadle kubasolwa abahlanu. Ngokwesitatimende samaphoyisa, laba bebefunelwa uxhaxha lwamacala okubulala, ukuduna izimoto kanjalo nokugebenga amabhizinisi.
Ngesikhathi kuhlolwa indawo, amaphoyisa athole izibhamu ama-AK47, ama-handgun amathathu nezidakamizwa.
UMnuz Tshepo Shezi utshele abeNewzroom Afrika ukuthi bazwile kuduma izulu lezandla ebusuku bathuka kakhulu ngoba nabo banezingane futhi bebengazi ukuthi njengoba kudutshulwa kuhlaselwa bani futhi isizathu sithini.
“Sivuke ekuseni sathi asizozibonela ukuthi kwenzenjani nokuthi ngobani abebehlaselwa yingakho size lapha ngoba sinabantwana sinezihlobo. Ubugebengu obukhona lapha buningi kakhulu futhi ngeke sakwazi ukulwa nabo sibuqede bonke ngoba kokunye asazi busukaphi,” kusho yena.