LIDEDELWE ngebheyili kaR20 000 iphoyisa elingumseshi elisolwa ngokuthumba nokubulala uMnuz Sihle Mtshare (27) waseMpola, eMariannhill.
Inkantolo yeMantshi yasePinetown imnike ibheyili uSergeant Ayanda Doctor Percival Ntombela (42).
Icala lakhe lihlehliselwe uNovemba 10 kulo nyaka ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Imibandela yebheyili yakhe ukuthi angaxhumani nofakazi boMbuso futhi ayosayina ngoMsombuluko, ngoLwesithathu nangoLwesihlanu esiteshiini samaphoyisa saseHammarsdale.
UNtombela uyalelwe inkantolo ukuthi aqale abikele umphenyi wecala uma efuna ukuphumela ngaphandle kwaKwaZulu-Natal.
Uthweswe amacala amane okungelokuthumba, elokubulala okuhleliwe, elokweba iselula kamufi nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
UMbuso usola ukuthi uMtshare wagcina ukubonakala ephila ngesikhathi ethathwa uNtombela kaninalume, ngobusuku bango-Agasti 21, waya naye esiteshini samaphoyisa kodwa wangalivula icala.
Isidumbu sikamufi satholwa eCamperdown yinja ehogela umkhondo emuva kwezinsuku ezingu-18 anyamalala sigxishwe epayipini elihamba amanzi.
Kuthiwa le ndawo iqhele ngebanga elingamakhilomitha ayisikhombisa nomuzi kaNtombela.