UKHONGOLOSE KwaZulu-Natal uthi ibambe ngakho ngokuhamba komholi wayo obhekene nenkohlakalo, uMnuz Ndodephethe Mthethwa, osejoyine iqembu eliholwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, i-MK.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uthe uMthethwa ushiye kwi-ANC elandelwa yifu elimnyama.
UMthethwa uke wabamba izikhundla ezibalulekile kwi-ANC.
Engqungqutheleni edlule yokukhetha ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal, wakhethelwa esigungwini esiphezulu esifundazweni futhi ubeyilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngaphambi kokhetho lwangoMeyi.
UMthethwa uke waba usihlalo we-ANC esifundeni iNokuhamba Nyawo, futhi uke waba yimeya kuMasipala waseJozini.
Ngasekuqaleni konyaka uMthethwa waboshelwa amacala enkohlakalo nokukhwabaniswa kuka-R5 million okuthiwa kwenzeka kuMasipala waseJozini ngesikhathi esayimeya khona.
Leli cala lashabalalisa amathuba akhe okubuyela esiShayamthetho saKwaZulu-Natal emva kokhetho, njengoba i-ANC inomthetho othi onke amalungu ayo abhekene namacala kufanele ashenxe ezikhundleni.
UMtolo uthe uMthethwa ubengavumelekile ukuzihlanganisa neqembu njengoba ebhekene namacala.
“Samyalela ukuba ashenxe esikhundleni ngenxa yakho njalo ukuthi asiguquki empini yethu yokulwa nenkohlakalo. Ubengavumelekile ukuba ingxenye yemihlangano nanoma imiphi imicimbi ethinta iqembu ngenxa yokuthi bekufanele ageze igama lakhe kuqala.
“Isenzo sethu sikhombisa ukuthi sikuphokophele kangakanani ukuthathela izinyathelo onke amalungu enhlangano asolwa enkohlakalweni. Sisembhidlangweni wokubuyisa isithunzi se-ANC, senze nokuthi abantu babuyelwe ukusethemba.”
UMtolo uthe bamfisela inhlanhla uMthethwa, wathi bazoqhubeka nokuthathela izinyathelo labo abasolwa enkohlakalweni.
“Sizimisele ukwakha kabusha inhlangano. Sinxusa onke amalungu enhlangano ukuba abambisane nathi embhidlangweni esiwuqalile wokufuna abaholi abathembekile nabangazibandakanyi ezenzweni zenkohlakalo.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMthethwa ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belungangeni.
Abaholi abaqavile be-ANC bayaqhubeka nokufudukela kwi-MK.
Muva nje, owayengundunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, ujoyine i-MK.