LIZOVELA enkantolo ngecala lokuzama ukubulala isoka ‘elingqongqise’ intombi yalo okubonwa ngokusa kuyona esibhedlela.
Kuvela ukuthi omakhelwane bacishe intombi (22) ebiivutha ubuhanguhangu isoka (34) selidle phansi.
Isehlakalo senzeke ngesikabhadakazi ngoLwesibili eCarolina, eMpumalanga. Isoka lithungathwe amaphoyisa laboshwa emva kwamahora ambalwa lenze lokhu.
Kubikwa ukuthi umgilwa usindiswe ukumemeza ehlaba umkhosi ecela usizo komakhelwane eshiswa.
Amaphoyisa athe kuthe uma omakhelwane bephuthuma beyobheka ukuthi kwenzekani babona umsolwa ebhunyela umgilwa ngokuthile obekusesigubhini esingu-2 litre wase eyabaleka.
Ibamba loMkhuzi wamaPhoyisa eMpumalanga, uMajor General (Dkt) Zeph Mkhwanazi lisigxekile isehlakalo esenzeke ngenyanga yokubungaza abantu besifazane.
“Sithikamezekile izigameko zalolu hlobo eziwudlame olubhekiswe kubantu besifazane esikhathini lapho sibabungaza ngenyanga yabo u-Agasti. Simfiselela ukwelulama okusheshayo umgilwa,” kusho uMkhwanazi.
Umsolwa kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseCarolina namuhla.