LIKHALELWE amasongo kaSigonyela iphoyisa laseHammarsdale elisolwa ngokushaya intombi.
Leli phoyisa elineminyaka engu-39 ubudala liboshwe ngoLwesibili ekuseni ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza intombi yalo esigamekweni esenzeke ngeSonto mhlaka 31 Mashi 2024.
Kuthiwa leli phoyisa elinguSergeant esiteshini saseMpumalanga, eHammardsale lihlasele intombi yalo (29) endaweni esemgwaqweni uMthoko Mkhize ngeSonto ebusuku.
Umgilwa ogama lakhe nguThandeka Ngcongo unikele ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko, efuna usizo eveza ukuthi amaphoyisa awafuni ukumsiza ngokuvula icala.
Ngemuva kokuvela kwezithombe zakhe, baningi abantu abalule isandla beveza ukuthi bazimisele ukumsiza futhi bazoqinisekisa ukuthi umsolwa uyaboshwa.
Kuse ngoLwesibili, le ntokazi yabhala omunye umlayezo wokuthi icala livuliwe kodwa umsolwa akakaboshwa.
Esitatimendeni sawo, amaphoyisa aqinisekise ukuboshwa kwaleli phoyisa aveza nokuthi ziyaphenywa nezinsolo ezenziwe ngumgilwa zokuthi waqale wanqatshelwa ukuvula icala.
Kuthiwa uma kutholakala ukuthi lokhu kuyiqiniso, kukhona abazoqondiswa ubugwegwe ngaphakathi esiphoyiseni.
Umsolwa uzovela ngoLwesine enkantolo yeMantshi eHammarsdale.