UKWENZA inzuzo ngebhizinisi lezolimo nokusabalalisa ulwazi ngezinye zezinto abalimi abancane abafisa ukugxila kuzo ukuze kukhule umnotho.
Lokhu kushiwo uMnuz Sya Ngcobo wenkampani iSyajay Agricultural Services okuyinkampani esungulwe intsha ebifunda ezolimo e-Owen Sithole Agricultural College, ngesikhathi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube noMphathiswa wezoLimo, uMnuz Super Zuma, bethula uhlelo lwentuthuko edidiyelwe yezolimo i-Integrated Agricultural Development Programme, eRichmond.
Le nkampani ihlomule nezinsiza ezibiza ngaphezu kukaR5 million, yathengelwa amathaneli namafriji okugcina imikhiqizo okuzophuma kwi-Agribusiness Development Agency (ADA).
UNdunankulu noMphathiswa banikeze abafuyi izinkunzi nogandaganda abangaphezulu kuka-1 128 okudle uR17 million.
Undunankulu uthe kumele kube nezindlela zokulekelela abalimi abasafufusa bakhule baze bafinyelele ezingeni lokuthi balime noma bafuyele ukudayisa.
“Uma benikwe ithuba abalimi nabafuyi abasathuthuka bangakwazi ukuba nemikhiqizo eminingi, balandele izindlela eziyizo zokukhiqiza baphinde bonge imvelo,” kusho uNkk Dube-Ncube.
UZuma uthe ukunikwa kwabalimi lezi zinsiza kuzokwenza ukuthi bakwazi ukukhiqiza kakhulu bakwazi nokushintshashintsha izitshalo nokuyinto evame ukuba inselelo kubo.
Uthe uMnyango wezoLimo uzinikele ekutheni usize abalimi ukuze bathole izimakethe ngohlelo lwawo olwaziwa ngeRadical Agrarian Sociao-Economic Transformation (RASET).