UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal usubophele ithimba elizophenya ngembangela yengozi edlule nemiphefumulo yabantu abahlanu emgwaqweni u-R102 eDarnall, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
Lokhu kudalulwe uMphathiswa walo mnyango, uMnuz Siboniso Duma, izolo.
Uphenyo olungaphothuliwe luveza ukuthi izimoto ezimbili ebezihamba ngesivinini esiphezulu, zishayisene mahlanze, kwashona abayisihlanu.
Edlulisa amazwi enduduzo emindenini, uDuma uthe ithimba elihlanganisa abeRoad Traffic Inspectorate (RTI) neSouth African Police Service (SAPS), bayaphenya ngale ngozi ukuzama ukubheka imbangela yayo.
“Sizoqinisekisa ukuthi siyasondela eduze kwemindeni yabashonile njengoba ibhekene nalesi simo esinzima,” kusho uDuma.
Uthe nokho kuyishwa ukuthi ingozi yalolu hlobo yenzeke emva kokuba umnyango wenze ukhukhulelangoqo womkhuleko, kukhulekelwa ezokuphepha emgwaqweni, wathi emva kwalo mkhuleko kuvunyelwenwe ukuthi kuzoqiniswa ezokuphepha emigwaqweni ukusuka manje kuze kuyoba amaholidi kaNcibijane.
“Kuzokwenziwa izaba ezehlukene, okukhona kuzo nezivimbamgwaqo ezindaweni ezehlukene lapho abomthetho bezobe beqinisekisa khona ukuthi abashayeli bayawugcina umthetho womgwaqo njengokuthi abashayeli kabaphuzile, nokuthi bahamba ngezimoto ezikufanele ukuba semgwaqweni nokunye,” kusho yena.
Kwenzeka lesi sigameko nje, umnyango nezinye izinhlaka zezokuphepha ubuwenze isivimbamgwaqo e-Oribi Toll Plaza, esifundeni Ugu.
Ebala phakathi kwezinto ezitholakele, ubalule abashayeli abangu-50 ababoshelwe amacala ehlukene kulandela ukumiswa nokubhekwa kwezimoto ezingu-671.
“Amatekisi ayisithupha ayiswe ephawundeni, kutholakala ukuthi athwele abantu ngaphandle kwezimvume,” kusho uDuma.
Uqhube wathi kuphinde kwaboshwa nomshayeli oyedwa oyiphoyisa elisebenza esikhumulweni sezindiza i-King Shaka International Airport ngokushayela lidle amanzi amponjwana, wadalula nokuthi izimoto ezine zimisiwe ukuhamba emgwaqweni kuvela ukuthi azikho esimweni esikahle.
“Kuphinde kwaboshwa abayisihlanu ngokuba kuleli ngokungemthetho,” kusho uDuma.