UKUBEKWA kwemfuyo umaka kuseyiyona ndlela ebonakala ingaba wusizo ekuvikeleni ukwebiwa kwayo.
Lokhu kushiwo uMphathiswa wezoLimo KwaZulu-Natal uMnuz Super Zuma ngesikhathi umnyango wethula omaka abasha asebezosebenza kulesi sifundazwe.
Lo luhlelo ulwethule izolo ngaphansi kukaMasipala iNkosi Langalibalele maphakathi nesifundazwe.
UZuma uthe ukubhalwa komaka abasha kuzosiza ekutheni imfuyo eyebiwe isheshe ihlonzwe nabanikazi bayo bayithole ngokushesha.
UMnuz Sibusiso Ndlovu wediphu iBolohweni okuyinhlangano yabafuyi baseLoskop, oke webelwa imfuyo izikhathwu ezimbili uthe kumlahlekisele ngemali ngoba ukufuya kuyibhizinisi.
“Ngo-2022 amasela athathe izinkomo ezingu-12. Ngonyaka odlule ngo-Agasti nangoNovemba, ngalahlekelwa yizimbuzi nezinkomo eziyisi-7 ngokulandelana kwazo.
“Kwakubuhlungu ukubona izinkomo zami zithathwa kimi. Kungithathe iminyaka ukuqongelela imali yokuthenga ezinye.
“Ngomzuzwana ngalahlekelwa yikho konke. Iyangikhuthaza imizamo yomnyango yokunqanda ukwebiwa kwemfuyo. Njengabafuyi sifuna ukubona amasela ebhekana nomthetho,” kusho uNdlovu.
UGeneral Khumalo wasesiteshini samaphoyisa i-Upper Tugela, uthe liyakhathaza izinga eliphezulu lokwebiwa kwemfuyo kule ndawo, amanye amacala okwebiwa kwemfuyo aholela ekubulaweni kwabantu.
“Kuyadumaza ukubona ukuzimisela kwalezi zigebengu. Kuke kwaba nezikhathi lapho ubusela buholele ekutheni kubulawe abalimi. Ngikholelwa ekutheni ukubulawa kwabantu okungenasidingo bekungeke kwenzeke ukuba besisebenzisana.
“Kuwo wonke amacala esikwaze ukubopha kuwo besisizwa ngamalungu omphakathi asinike umkhondo. Sidinga abantu abaningi ukuthi basisize ukuze sinqobe lezi zigebengu.
“Siyayibonga imizamo yomnyango futhi sizosebenzisana nawo ukuze siqede ukwebiwa kwemfuyo,” kusho uKhumalo.
Inkosi Sifiso Shinga enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal ithe amasela eba imfuyo, aphuca izizukulwane ifa lazo.
“Isifundazwe sonke siyahlushwa ngamasela emfuyo.Kubuhlungu ukubona imindeni ilahlekelwa yingcebo yayo. Lezi zigebengu zinonya, siyameseka uhulumeni emizamweni yakhe yokuqeda lobu bugebengu.
“Ngicela umphakathi usebenzisane namaphoyisa ukuze kuboshwe amasela,” kusho Inkosi uShinga.