KUQHILIKE izihlathi kothisha, abazali nabafundi baseNondenisa Secondary, oZwathini eNdwedwe kwethulwa amagumbi alesi sikole, osekulungiswe uphahla lwawo kulandela ukukhinyabezwa yisichotho ngo-2021, esashiya ingxenye yamagumbi aso evuleke gengelezi phezulu.
Usekela thishanhloko wakulesi sikole esinabafundi abawu-1 257, uMnuz Hloniphani Sibiya ubonge kakhulu inkampani yezamandla iShell nenhlangano iGift of The Givers ngokusiza ukulungiswa kwaso okuthathe izinyanga ezimbili.
"Bekunzima kakhulu ukufunda selokhu amanye amagumbi esikole sethu akhahlanyezwa yisichotho, obekwenza abafundi nothisha bathwale kanzima ikakhulu uma imvula ina ngoba amanye amagumbi abevulekile phezulu.
"Ngakho sibonga kakhulu kwiGift of The Givers neShell ngokusabela ngokushesha encwadini esayibhalela uMnyango wezeMfundo sicela ukulungiselwa isikole sethu," kusho uSibiya.
UNksz Ntobeko Mokgadime wakwaShell, uthe kusezinhlelweni zabo ukusiza lapho bengasiza khona, ikakhulu emphakathini wezindawo eziswele nezintulayo, yingakho befake u-R8.5 million ekulungiseni lesi sikole.
"Sibone kusemqoka ukufaka isandla ukuqinisekisa ukuthi siyaqhubeka nokukhiqiza abafundi abazoba ngabaholi bezwe, sikwazi nokukhiqiza abazokwenza ezibukwayo emkhakheni wezamandla nokunye okuhambisana nawo okuyikho esigxile kakhulu kukho," kusho uNksz Mokgadime.
UMnuz Imtiaz Sooliman weGift of The Givers uthe bayakuqonda ukuthi uhulumeni ngeke ukwazi ukulungisa yonke into ezweni, okuyingakho besize ukulungisa kulesi sikole.
"Siziqhenya kakhulu ngokuthi ezinyangeni eziyisikhombisa ezedlule sesisebenzise uR15 million ukulungisa izikole ezikhinyabezwe yizimo ezahlukene esifundazweni.
“Siyazibophezela ukuqhubeka nokuqinisekisa ukuthi izingane ziba nekusasa eliqhakazile ezweni," kusho uSooliman.
Omunye wabazali bezingane ezifunda kulesi sikole uNksz Zama Khumalo uthe ujabule kakhulu ngokulungiswa kwalesi sikole okufunda kuso umatikuletsheni ingane yakhe.
“Bekusikhathaza singabazali ukubona izingane zethu zifunda ngaphansi kwesimo esingagwinyisi mathe selokhu kwahlasela isichotho ngo-2021, ngakho sijabule kakhulu ngoba uhlelo lokufunda seluzoqhubeka ngendlela ejwayelekile,” kusho uNksz Khumalo.