EMVA kweminyaka umndeni wakwaMhlongo okuzalwa kuwona iNdlovukazi uNandi ongunina weSilo uShaka kaSenzangakhona, ukhala esokulungiselwa idlinza lakhe sekuze kwawulungela.
Lokhu kuza emva kokuthi umndeni wakwaMhlongo wembule itshe lesikhumbuzo sikaNandi eselakhiwe laba lihle ngokulekelelwa Amafa Heritage and Research Instistute engaphansi kweKZN-DSAC neNandi Langeni Foundation.
Itshe lesikhumbuzo likaNandi limbulwe ngoLwesine, KwaMaqhwakazi, eShowe, lapho atshalwa khona.
UDudu Mhlongo ongomunye wabakhulumela umndeni kaNandi, uthe bajabule kakhulu ngokwenzekile.
“Ukumbulwa kwetshe lakhe bekuhambisana nokwethulwa ngokusemthethweni kwesikhumbuzo sikaNandi esizobakhona njalo ngo-Okthoba 10, okuwusuku ashona ngalo. Njalo ngalolu suku sizoba nesikhumbuzo sakhe kuze kube u-2027, lapho sizoba nomcimbi omkhulu wokugubha impilo kaNandi njengoba ezobe ehlanganisa iminyaka engu-200 ashona,” kusho uDudu.
Echaza kafushane ngomlando kaNandi, uDudu uthe ngokomlando wabo bengabakwaMhlongo, uNandi wayeyinkosazana yaseLangeni kodwa eleNdlovukazi wahlonishwa yindodana yakhe uShaka kaSenzangakhona (uMlilwana) ngalo.
Ngisho etsheni leliba lakhe uNandi kubhaliwe ukuthi uyinkosazana kodwa wahlonishwa ngesobuNdlovukazi.
Kwabebehambele ukumbulwa kwetshe likaNandi bekukhona umphathi wesikhungo iKCap, u-Edmund Mhlongo ongomunye oyilungu lomndeni kaNandi elisaphila, uMakhosi Mhlathuze Mhlongo wasesiBhambeni kaMhlongo, uDudu Mhongo wakulo mndeni, umculi uZawadi Yamungu nabanye.
UNandi wazalwa ngo-1760 washona ngo-1827. Emlandweni omfishane obhalwe kulona kuthiwa “Lapha kulele inkosazane yaseLangeni, uNandi, kaBhebhe kanti unina kwakunguMfunda kaKhondlo kaQwabe, ozala iNgonyama neSilo saKwaDukuza uShaka owamphakamisa ngokumenza iNdlovukazi yoMbuso wesizwe saKwaZulu. Uhlonishwa umhlaba wonke njengeNdlovukazi uNandi okuwuphaphe lwegwalagwala aluchonywa ngenhlonipho indodana yakhe uShaka (ayembiza ngoMlilwana).”
Umndeni wakwaMhlongo kudala ukhala isililo sokulungiswa kwedlinza likaNandi obuthi laliyihlazo njengoba kuthiwa bekungabonakali nokuthi kulele kulona indlovukazi eyazala iSilo uShaka esabumba isizwe samaZulu.
Kulokhu umndeni uthe uzizwa upholile emoyeni emva kokuthi isifiso sawo esikhulu sigcine sifezekile ukunika uNandi inhlonipho ngokuzala umbumbi wamaZulu.
Nasemlandweni kuyavela ukuthi uNandi uyena owapheka iSilo uShaka sisakhula ukuthi sigcine sifike ezingeni esakhothama sesikulona.