IMEYA yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, yethule inqwaba yamaloli athutha amanzi nogandaganda. UKaunda uthe inhloso yaleli gxathu elenziwe wumasipala, ukubhekana nengwadla yokuhlinzekelwa komphakathi ngamanzi nokulungiswa kwengqalasizinda.
Le mpahla entsha ceke eyethulwe nguKaunda izolo, ihlanganisa amaloli amanzi awu-55 okuthiwa izindleko zokuthengwa kwawo zidle uR132.8 million, nogandaganda abawu-30 ababize uR23.2 million.
Ekhuluma ngesikhathi ethula ngokusemthethweni izimpahla, uKaunda uthe amaloli amanzi azoqinisekisa ukuthi abantu bayawathola amanzi ikakhulu uma kunophazamiseka kokuphuma kwawo ezindaweni ezithile. Wathi kumba eqolo ukuqasha amaloli amanzi uma kunezinselelo eziphoqa ukunqanyulwa kokuphuma kwawo.
“Siyajabula ukuthi umphakathi obukhahlamezeka kakhulu uma kuba nokuphazamiseka kokuphuma kwamanzi, usuzokwazi ukukhululeka ngoba usuzohlinzekelwa ngamanzi aphephile naphuzekayo,” kusho uKaunda.
Mayelana nogandaganda abethuliwe, uthe bazosiza kakhulu uma kulungiswa ingqalasizinda njengokugunda utshani ezindaweni zomphakathi, emapaki nasezinkundleni zezemidlalo.
UKaunda uthe bafuna ukuqinisekisa umphakathi waseThekwini, ngokuthi bazoqhubeka nokusebenzisa imali ngendlela ezohlomulisa izakhamuzi futhi ezokwenza ngcono ukuhanjiswa kwezidingo ezindaweni ezinokusilela emuva.