YIZE zithe ukwehla izigameko zokubulawa kwabantu kuleli, ekoteni yesibili yonyaka wezimali u-2023/2024 ukuqhathanisa nezangesikhathi esifanayo ngo- 2022/20203. Kodwa ukubulawa nokuhlukunyezwa kwabesifazane ngabantu abasondelene nabo, kwenyuka ngendlela esabisayo.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele uveze lokhu ngesikhathi ememezela izibalo zobugebengu zikazwelonke, ezibikwe emaphoyiseni phakathi kuka-Julayi noSepthemba nonyaka.
Uthe bangu- 6 945 abantu ababulewe kulesi sikhathi okusho ukwehla ngo- 0.8% ukuqhathanisa nezangesikhathi esifanayo ngo- 2022/2023, okubulawe khona abangu-7004.
Yize kubikwe ukwehla kokubulawa kwabantu ngalesi sikhathi, kodwa uCele ugcizelele ukuthi akusiyona into engajatshulelwa kwazise lesi sibalo sisephezulu kakhulu.
“Ukwehla kwaso kukhombisa umfutho oqhubekayo ofakwa amaphoyisa ukulwa nobugebengu, nokungenelela komphakathi ukusiza ekulweni nabo. Ngifisa ukukubeka kucace ukuthi, lokhu kwehla akumele kuthathwe njengokunqoba kwamaphoyisa. Lesi kusayisibalo esikhulu njengoba ukufa kuyEdwa kufana nokufa kwenqwaba, ” usho kanje.
Uveze ukuthi bangu- 3 106 abantu ababulawe ngesibhamu.
Uthe kulesi sibalo sababulewe, abangu-881 abesifazane kuthi abangu-293 izingane. Uthe kubulawe amaphoyisa angu-35 ngalesi sikhathi amanye kuwona abulawe esemsebenzini, nakhona okuthiwa kwehle ngo 10.9% no- 7%. Angu-1 514 amacala okuzama ukubulawa kwabesifazane abikwe emaphoyiseni.
UCele uthe kuyagqugquzelwa ukuthi izifundazwe ezimbili okuyilesi sifundazwe nesifundazwe iLimpompo kubikwe ukwehla ngamaphesenti ayizinombolo ezimbili kwezigameko zokubulawa kwabantu ezibikiwe.
Nakuba kunconywe lezi zifundazwe, kodwa iziteshi zamaphoyisa eziseThekwini uMlaza neNanda zisazihola phambili ngezigameko zokubulawa kwabantu yize nakhona kubikwe ukwehla kancane uma kuqhathaniswa nangesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Isiteshi saseMlaza siphinde silale isibili kuzwelonke ngezigameko zokubulawa kwabantu ezibikwe kuso.
Amacala aphathelene nocansi, ehle ngo- 35.9% phakathi kukaJulayi noSepthemba nonyaka.
Zingu-10 516 izigameko zokudlwengula ezibikiwe ngalesi sikhathi kanti kuzona, ezingu- 4 726 kuthiwa zenzeke emakhaya okungaba kubo kamgilwa noma kwesigilamkhuba.
UCele uthe umkhankaso wamaphoyisa owaziwa nge- Operation Shanela uthela izithelo njengoba kunokwehla kakhulu emacaleni okugqekezwa kwamabhizinisi nasemizini yabantu, ukuntshontshwa kwezimoto nokwebiwa kwemfuyo.
Amacala okubanjwa inkunzi kwezimoto ezithwala imali akhuphuke ngezigameko eziyisishiyagalombili.