ABEHLI ubuthongo kowesifazane waseHarding ozibonele ngamehlo ingane kadadewabo ibhokodwa ngomkhonto kwaphumela amathumbu ngaphandle.
UNkk Hloniphile Jali, waKwaJali, eHarding, uthe bebesemgidini wezangoma owawusendaweni ngempelasonto ngenkathi kufika umbiko wokuthi uMnuz Sibusiso Ntshangase (28) usegwazwe ngumfana wakwamakhelwane ngomkhonto.
Uthe babendawonye kulo mgidi ngenkathi uNtshangase ephuma ethi uphelezela abazala bakhe bamantombazane abane ngoba kwase kuntambama base begoduka.
“Abazala bakhe bacela ukuthi abaphelezele, akuphelanga sikhathi esingakanani kwabuya oyedwa egijima ezosho ukuthi asiphuthume uSibusiso usegwazwe ngomkhonto omude ngaphandle.
“Saphuthuma ukuyobheka isigameko, safica kukhona laba abathathu bekhala. Uma sibuza ukuthi kwenzekeni, basitshela ukuthi kuvele kwaqhamuka umfana wasendaweni wabhokoda uSibusiso ngomkhonto emqhamukela ngemuva ephindelela wabe eseyabaleka. USibusiso wazama ukubaleka kodwa wawela egcekeni lakwamakhelwane,” kuchaza uNkk Jali.
Uthe ngenkathi befika endaweni yesigameko bafica uNtshangase edindilizile egcwele igazi, egone amathumbu ayesevele ngaphandle.
“Yimbi kakhulu into engayibona ngaloluya suku futhi ngisekude ukuyikhohlwa, kuhlasimula umzimba uma ngiyicabanga.“Bathi uma bezama ukujaha lona omgwazile, abakwazanga ukumubamba ngoba wayebasikaza ngommese ebathembisa ukuthi uzobagwaza uma besondela,” kuchaza uNkk Jali.
Uthe isimo sikaNtshangase sasisibi kakhulu esibhedlela.
Uqhube wathi bashayela amaphoyisa aseHarding ucingo ukuwabikela ngesigameko abe eseyafika kodwa angamthola umsolwa ngoba wayesebalekile.
“Ngakusasa umsolwa wabuyela kubo wabatshela ukuthi uyazisola ngakwenzile ngoba akaze baxabane noSibusiso.
“Bathi uma bembuza isizathu sokubhokoda uSibusiso ngomkhonto, wabatshela ukuthi uthandana noyedwa wabazala bakaSibusiso futhi ubengaboni ukuthi nguyena obebaphelezela, wayezitshela ukuthi yisoka lenye yamantombazane ayehamba nawo athe iyintombi yakhe yingakho wavele wamgwaza ngomkhonto ngoba wavukwa isikhwele, sekumnyama namehlo,” kuchaza uNkk Jali.
Uveze ukuthi bathi uma bebuza amantombazane uNtshangase ayewaphelezela ukuthi ngabe ukhona yini othandana nalona ogwazile, wonke aphika athi akekho othandana naye kubona futhi kabazi ukuthi ukhuluma ngani lo mlisa.
Uthe umndeni kamsolwa ubatshele ukuthi ngemuva kokudalula konke wabe esehamba eyozinikela esteshini samaphoyisa eHarding.
“Ngendlela engithuke ngayo, akuvumi nokuthi ngiphume endlini futhi angikaze ngibuthi quthu nobuthongo, ngisho nokudla akungeni selokhu kwenzeka isigameko” kuchaza yena.
Uyise kaNtshangase, uMnuz Mbuso Ntshangase (50), naye uthe indlela esimthuse ngayo lesi sigameko akaze aye nasemsebenzini ngoba angeke kuvume ukuthi asebenze njengoba esebenza ngokushayela.
Uthe bahlalele ovalweni futhi balindele ukuzwa noma yini ngoNtshangase ngoba usesimeni esibucayi.
Uqhube wathi ubengakulindele okwenzekile ngoba indodana yakhe nomsolwa bakhule bejwayelene ngoba bahlala ngandawonye kodwa ulindele ukubona umthetho uthatha indawokulolu daba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe icala lokuzama ukubulala liphenywa esiteshini samaphoyisa eHarding.
“Kusolwa ukuthi ngo-Agasti 27, 2022 ngabo 5 ntambama endaweni yaKwaJali, eHarding, indoda eneminyaka engu-28 ubudala yagwazwa ngumsolwa owaziwayo ngomkhonto.
“Umsolwa, oneminyaka engu-38 ubudala, wathungathwa waboshwa kanti uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseHarding ngo-Agasti 31, 2022,” kuchaza uLt Col Gwala.
Uthe umsolwa uzogcinwa esitokisini kuze kube wuSepthemba 7, 2022.