KUBALULEKILE ukuthi abalimi abamnyama basondele ezikhungweni ezihlola imikhiqizo yezolimo ukuthola ukuthi isezingeni elifanele yini ukuze idayiswe ezitolo ezinkulu.
Lokhu kushiwo uNksz Zandile Masuku woMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal, obeluleka abalimi abebethamele isigcawu sokucobelelana ngolwazi ebesiyingxenye yombukiso wamabhizinisi ebihlelwe wuMasipala weTheku, iDurban Business Fair (DBF), ngoLwesihlanu ngesikhathi kuvulwa umbukiso, eThekwini.
UNksz Masuku uthe lukhona usizo lokuhlolelwa imikhiqizo emnyangweni, abalimi baluthola ngokuxhumana namahhovisi aseduze kwabo abaxhumanisa nabantu abenza lo msebenzi.
"Kubalulekile ukuthi sazi ukuthi yini edingekayo ukuze umkhiqizo womlimi ukwazi ukungena ezitolo ezinkulu ngoba kunemicikilisho okumele ilandelwe ukuqinisekisa ukuthi umkhiqizo uphephile. Njengamanje umnyango unohlelo lokusiza abalimi uthathe imikhiqizo yabo idayiselwe izitolo ezithile eziluvumile lolu hlelo," kusho uNksz Masuku.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, obambe esobundunankulu, uNksz Nomagugu Simelane, uthe kwezinye izinhlanga kunabantu abaphila ngokulima ngakho nabantu nabamnyama kumele bazi ukuthi kuyaphileka ngakho.
“Akumele babe mbalwa abamnyama kulo mkhakha, kumele babe baningi futhi babe sesigabeni esiphezulu, bangahlali nje besesigabeni esiphansi,” kusho uNksz Simelane.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe lo mbukiso wasungulelwa ukuthi kwenziwe isiqiniseko sokuthi osomabhizisini baba ingxenye yomnotho wedolobha futhi bathola nolwazi lokuthi bangayidayisa kanjani imikhiqizo yabo phesheya.
UKaunda uthe bangu-38 000 abanikazi bamabhizinisi abasizakele selokhu kwasungulwa lo mbukiso ngo-1998.
UMnuz Nkazimulo Ngidi wenkampani eyenza amabheshu, Amabheshu Innovators, uthe uqale ukuhambela lo mbukiso ngo-2016.
Uthe kumsize kakhulu ukuba yingxenye yawo ngokuthi athole amakhasimende kuwo okukhona nawasemazweni aphesheya.
"Nginamakhasimende aseBerlin, eGermany, nakwamanye amazwe engiwathole ngokuthi bengiyinxenye yalo mbukiso. Kubuye kwangivulela namanye amathuba akhona eThekwini nasesifundazweni," kusho yena.