KUQALE ngokusemthethweni izolo ukugonywa kwezingane ezineminyaka ephakathi kuka-12 no-17 kanti kwehluke imibono mayelana nokuthi kumele yini zigomele iCovid-19. Abanye abazali babhodla umlilo ngomthetho iChildren’s Act enikeza izingane, kusukela kwezineminyaka ewu-12, ilungelo lokuthi zizikhethele ukuthi zizogoma noma cha.
Bakhona nabathi kabanankinga nalesi sinyathelo, bazoziyeka izingane zabo zizikhethele ukuthi ziyagoma yini.
UNksz Vuma Buthelezi onabazukulu abakule minyaka, uthe abakhe abazukulu ngeke bagome.
"Kwamina ngagoma ngoba ngiphoqwa wumsebenzi. Uma kukhona ozozithathela isinqumo sokuthi yena uyogoma engakhulumile nami, uma esegula uzobuyela kubo labo abamluleke ngokuthi akagome. Mina umgomo awuzange ungiphathe kahle. Bengingafisi ukuthi badlule entweni engidlule kuyo kodwa-ke umuntu uyazikhethela,” kusho uNksz Buthelezi.
UNksz Thulisiwe Kubheka, onendodana eneminyaka ewu-16, uthe indodana yakhe izozithathela yona isinqumo. "Ngifisa ukuthi agome ngoba nami ngigomile. Phambilini sike sakhuluma ngakho ukugoma wathi uzogoma uma ebona ukuthi nami angibanga nankinga emuva kokugoma. Ngagoma ngayo iPfizer angibanga nankinga, ngiyethemba uzogoma,” kusho yena.
UNkanyezi Malinga (13), uthe akayingeni indaba yokugoma ngoba ufunde ezinkundleni zokuxhumana ukuthi abagomile bazoshona emuva kweminyaka emibili.
"Ekhaya abanye abantu abadala kabagomile, noma bangaya bonke kogoma mina ngizosala, angifuni ukufa," kusho yena.
Ebuzwa ukuthi uthini ngokushiwo wuMnyango wezeMpilo kokuthi angalithwala igciwane agulise nabanye abantu, uthe noma kunjalo ngeke agome,.
U-Aphiwe Khumalo (17), uthe yena uzogoma ngoba ufuna ukuvikela abanye abantu asondelene nabo okungenzeka abathelele ngaleli gciwane uma engagomile.
"Bengivele ngifisa ukwenza okuthile ukuze ngisize njengoba sekuvulelwe thina ukuthi sigome, ngizokwenzenjalo. Nginethemba lokuthi uma sigoma sibe baningi sizokwazi ukubuyela empilweni ebesiyijwayele," usho kanje.
IPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Sibongiseni Dhlomo, lithe umthetho iChildren’s Act, inikeza izingane ilungelo lokuthi zizithathele zona izinqumo zokuthi ziyafuna yini ukwelashwa. Kulezo zinqumo, uthe kusuke kubalwa nakho ukugoma.
"Asifuni ukuthi abazali basale ngaphandle ngoba kulandelwa lowo mthetho, sifisa ukuthi izingane zixoxe nabazali ngezinqumo zazo kodwa lokho asifuni kuphazamise ilungelo lezingane. Ngiyazi ukuthi abazali abaningi babuka uhlangothi lokuthi izingane zizogoma bengazi kodwa lo mthetho uzivumela nokuthi uma zingathandi zingagomi noma ngabe abazali bafuna zigome. Yingakho sithi kungakuhle abazali nezingane baxoxe," kweluleka uDhlomo. Uthe okwamanje izingane ezikule minyaka zizogonywa ngomgomo iPfizer.