KWEHLILE ukukhathazeka kwabezikole ezifundisa ukushayela KwaZulu-Natal, uhulumeni esifundazweni ememezela uhlu lwabangu-4 000 abahlomule ohlelweni lokufundiswa mahhala ukushayela, iThuthuka DriverTraining Programme.
Lokhu kushiwo nguMnuz Mzwandile “MG” Zondi, okhulumela inhlangano yezikole ezifundisa ukushayela, iKZN Ubumbano Driving Schools Operators Association ngeSonto.
UZondi uthe isimemezelo sikahulumeni sango-Okthoba nyakenye, sokuthi uzofundisa mahhala isibalo esithile sentsha nabangasebenzi izincwadi zokushayela, sibalimazile ezinyangeni ezine ezedlule.
“Kulezi zinyanga ezine ezedlule sibone zehla izibalo zabantu ebebezobhalisela ukufundiswa ukushayela ezikoleni ezehlukene ezikufundisayo esifundazweni. Lokhu bekwenzeka ngoba inqwaba yafaka izicelo ukuhlomula kulolu hlelo,” kusho uZondi.
Uveza ukuthi abantu abaningi bebemanqikanqika ukuthi babhalise, ngoba kubhaliswa ngesamba esithile semali.
“Abantu bebengafuni ukugembula ngemali yabo, bayifake kithi bebhalisa, kanti umuntu uzokhethwa kulolu hlu oluzohlomula ohlelweni lukahulumeni,” kuchaza uZondi.
Uqhube wathi bayalweseka lolu hlelo lukahulumeni ngoba izikole eziyinani elithize zizohlomula ezindaweni ezehlukene.
“Uhulumeni uzobafundisa kuzo izikole zethu, ngaleyo ndlela abalezo zikole ezizokhethwa ukuthi zifundise laba abahlomulile, bazohlomula nabo kulolu hlelo,” kwenaba uZondi.
Ngesikhathi ethula ngokusemthethweni lolu hlelo uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ngoMashi 1, wathi abahlomule kulo bakhethwe kuzo zonke izifunda zesifundazwe, wathi kukhethwe entsheni kanjalo nalabo abangasebenzi ukubeseka nokubanika ikhono lokushayela elizosiza njengoba beqhubeka nokufuna imisebenzi