NJENGOBA sekusele izinyangana ukuthi abafundi baka-matric babhale izivivinyo zokuphela konyaka, inkampani i-Old Mutual ibambisene neLove Life, bahlomise abafundi ngokufunda ezinkundleni zokuxhumana.
Omunye wabafundi abebeyingxenye yalolu hlelo, u-Amahle Mtshali (18), ofunda esikoleni samazinga aphakeme, iNgqungqulu Secondary, uthe njengabafundi badinga lonke uxhaso abangaluthola ukubalekelela ezifundweni zabo.
"Ngijabula kakhulu uma kuqhamuka abantu bezosilekelela njengoba siyisikole esiqhelile nasedolobheni. Sisizakale kakhulu ngoba sesiyazi ukuthi uma sifuna ukufaka izicelo zokuyofunda emanyuvesi ngonyaka ozayo, sizoya kuphi,“ kusho u-Amahle.
Omunye wabafundi baKwaDinabakubo Secondary, uLindokuhle Mahlangu (18), uthe njengoba esethole lolu lwazi usezoqala afake izicelo kumanyuvesi ehlukene.
UMnuz Bandile Mngoma, oyisikhulu esiphezulu sakwa-Old Mutual, uthe babone kunesidingo esikhulu sokulekelela abafundi basemakhaya nabasemalokishini abadinga ukusizwa ngokuzicijela izivivinyo zanonyaka.
"Lolu hlelo sekuwunyaka wesibili silwenza futhi luyasebenza. Njengoba sivakashela lezi zikole, sibatshela ngokubaluleka kokuqhubeza izifundo zabo," kusho uMngoma othe lolu hlelo lulokhu luqhubeka njalo esifundazweni KwaZulu-Natal.