UNGQONGQOSHE wezeMpilo eGauteng uNomantu Nkomo-Ralehoko uvule icala lokweba esiteshini samaphoyisa eDiepkloof emva kokwebiwa kwamapayipi emishini yokuphefumula esibhedlela iBaragwanath.
Kuthiwa ama-clinicians yiwona abike ngokwehla kwezinga le-oxygen ezingxenyeni eziningi zegumbi elikhulu labagula kakhulu esibhedlela.
Ungqongqoshe uthe umnyango wezokuThuthukiswa kweNgqalasizinda kule ndawo uthole ukuthi kunepayipi elingamamitha angu-10 okuyilona elithutha i-oxygen elebiwe.
“Abantu abebe leli payipi kumele babhekana namacala okuzama ukubulala, hhayi elokweba kuphela ngoba babeke impilo yabantu abangu-24 engcupheni. Abantu abangu-19 kulabo, bathembele kwi-oxygen ukuze bakwazi ukuphefumula baphile,” kusho yena.