UTHWESWE amacala ngokusemthethweni uBafana Mahungela osolwa ngokubulala uthisha waseGoli uKirsten Kluyts. Lo msolwa ubhekene namacala amahlanu, okukhona kuwona ukuthumba, ukuphanga esebenzisa isihluku, ukubulala, ukuhlukumeza ngokocansi kanye nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Umufi wayeyingxenye yomqhudelwano wokugijima i-MyRun, eGeorge Lea Park, ekupheleni kuka-Okthoba, isidumbu sakhe satholwa onqenqemeni lwepaki. UMahungela wabonwa endaweni yesigameko lapho kwabulawa khona ubufakazi beCCTV okuthiwa buveza ukuthi weqa isango elikhiyiwe ukuze abaleke.
Ngemuva kokuthweswa amacala, idokodo libe selidluliselwa enkantolo enkulu yaseGoli lapho kulindeleke ukuthi kuqale izethulo zokuqulwa kwecala ngomhla ka16 Agasti nonyaka.
U-Advocate Itumeleng Masako, omele uBafana Mahungela, uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi incwadi yecala iyahluleka ukudalula yonke imininingwane edingekayo nebalulekile njengoba kudingeka. Uthi uma kubhekwa ubunzima bokusebenza kohlelo, mancane amathuba okuthi ukulalelwa kwezethulo ngaphambi kokuqulwa kwecala kuqhubeke ngokuthanda koMbuso.
Ummeli wakhe ucele izinsuku zikamhla ka-1 no-2 Agasti ukuba afake isicelo esisha sebheyili ngezethulo ezintsha.