KWANDE izinkinga ebuholini beNFP inkantolo ihoxisa isinqumo ebesibuyisela okwesikhashana ubuholi bale nhlangano, obakhethwa engqungqutheleni yango-2019.
Izolo iJaji Sidwell Mngadi lihoxise isinqumo salo elasikhipha ngoMeyi lapho elalikade linikeze ubuholi obakhethwa ngo-2019 ukudlulisa phambili isinqumo senkantolo esahlakaza ubuholi.
Ukuhoxisa kwakhe imvume, kusho ukuthi kuzoqhubeka umdonsiswano wokuhola iNFP njengoba ubuholi bango-2019 bungesenalo igunya lokuqhubeka nokuhola.
UMngadi ukhiphe isinqumo emva kokuthi kube nohlangothi olunganelisekile kwiNFP, olwakhala ngesinqumo sakhe sangoMeyi.
Omunye wabanganelisekile, uMnuz Shaik Emam, oyilungu lePhalamende, wakhala ngokuthi kabazange banikezwe ithuba lokwenza izethulo ngaphambi kokuthi kukhishwe isinqumo sangoMeyi.
U-Emam wathi kwakukade kuvunyelwenwe ngokuthi icala lizohlehliswa ngenxa yokuthi abameli babo babengezukwazi ukuya enkantolo ngosuku lwecala, kodwa inkantolo yaqhubeka nokulalela icala, yaze yakhipha isinqumo yize abaholi babo babengekho.
Lolu hlangothi lwaze lwafaka isimangalo eNhlokweni yamaJaji KwaZulu-Natal, iJaji Thoba Portia Poyo-Dlwati, lucela ukuthi aphenye ukuziphatha kukaMngadi.
Esinqumweni esibhaliwe esibonwe yiSolezwe, uMngadi ugcizelela ukuhoxisa imvume yokunikeza ubuholi bango-2019 igunya lokudlulisa phambili icala.
Imizamo yokuzwa ukuphawula kowakhethwa ukuba ngunobhala jikelele engqungqutheleni yango-2019, uMnuz Canaan Mdletshe, kayizange iphumelele ngoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Izinkinga zobuholi kwiNFP ziqale emva kwengqungquthela yango-2019.
Ingqungquthela eyayisoLundi, yaba kkhona phezu kokuba kwakunombango lapho olunye uhlangothi lweNFP, lwaluhlela ukuba nenye ingqungquthela eyayizokuba esifundazweni, iFree State.
Engqungqutheleni yasoLundi, umholi weNFP ongasekho, uNkk Zanele KaMagwaza-Msibi, wanikezwa ihlandla lesibili lokuhola inhlangano.
Ngo-2021 iNkantolo eNkulu eMgungundlovu, yanquma ukuthi yayingekho emthethweni ingqungquthela yango-2019, okwashiya iqembu lingenabo ubuholi.
Le nhlangano ingase ingakwazi ukungenela ukhetho lwangonyaka ozayo, uma ihluleka ukulungisa ngesikhathi izinkinga zobuholi.
Njengamanje iNFP ayikwazi ukungenela ukhetho lokuchibiyela, noma ukushintsha amakhansela ngenxa yambango wobuholi.