ITHI ingaba nkulu ingabe isazekeka njengoba sekuvela okunye okushaqisayo odabeni oluvele luxake abaningi ngomdlwenguli, uThabo Bester.
Intokazi engudokotela, uNandipha Magudumana, kuvela ukuthi imisiwe ngaphansi komkhandlu owengamele ezempilo, iHPCSA.
Lo mkhandlu ukhiphe umbiko othi: “UNandipha Magudumana umisiwe emsebenzini "ngokweSigaba 19A(1)(b) soMthetho wemiSebenzi yezeMpilo ngenxa yokwehluleka ukukhokha imali yonyaka ngesikhathi obekufanele bakhokhe ngaso, u-Ephreli 1, 2021".
UNandipha wagqama kakhulu ngesikhathi kuvela isithombe sakhe nowesilisa okukholakala ukuthi uBester besenxanxatheleni yezitolo eSandton. Lesi sithombe sasatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana abantu bebuzana ukuthi lo mlisa unenswebu kaBester, ngabe kuliqiniso yini ukuthi wafa emlilweni owaqubuka ejele ayekulo, eMangaung.
Imiphumela yophenyo olunzulu olwenziwa yiGround-Up, olwaveza obala amanga ngokufa kukaBester, kwavela ngokusobala ukuthi lo mlisa owayegwetshwe udilikajele weqa.
UBester kuthiwa weqa ngoMeyi 3 nyakenye ngaphambi kokuba kutholwe isidumbu somuntu oshisiwe egunjini ayevalelwe kulo, obekusolakala ukuthi ngesakhe sonke lesi sikhathi.
UMkhuzi wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola, uyalele uphiko olujutshiwe ukuthi luphenye icala ukuthi lulubeke eqhulwini ukuze kwenzeke ubulungiswa.
UMasemola uveze ukuthi phakathi kwamacala aphenywa wuphiko, ngelokubulala kulandela ukuthi imiphumela yolibofuzo ikuveze obala ukuthi isidumbu esatholwa egunjini okwakuvalelwe kulo uBester akusona esakhe.
Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Singabakho Nxumalo, uthe okubalulekile njengamanje wukuthi kwenziwe konke okusemandleni ukuthi uBester abanjwe, abuyiselwe ezikhindini.
"Umnyango unxusa umphakathi ukuthi ulekelele ngolwazi olungaholela ekutheni abanjwe uBester abuyiselwe ngaphakathi. Lolo lwazi lunganikwa amaphoyisa aseduze noma isikhungo somnyango wethu," kusho uNxumalo.
Ubuye waveza nokuthi ijele okweqe kulo uBester linenkontileka nenkampani yonogada abazimele elokhu yaqala ukusebenza ngo-2001. Uthe emva kwalesi sigameko umnyango kawunazinhlelo zokuyivuselela uma iphela ngoJuni 2026. Nyakenye ngesikhathi kuvela lesi sigameko, kwathiwa uBester utholakale ezibulele ngokuzishisa.