UHULUMENI waKwaZulu-Natal usamukele futhi wasishayela ihlombe isigwebo esiyingqophamlando seminyaka engu-23 esinikezwe umshayeli weloli elabulala abantu abangu-20 oPhongolo ngoSepthemba 2022.
INkantolo eNkulu yasoPhongolo igwebe uSibusiso Siyaya (30) ngoLwesine.
Ubekade ethweswe amacala angu-22 okukhona nawokubulala angu-20 engozi eyenzeka kuthelawayeka uN2 eGodlwayo, oPhongolo.
Kwelokushayela budedengu, ugwetshwe iminyaka emithathu, elokuhluleka ukusiza abagilwa nokubika ingozi wagwetshwa eyisithupha. Uzozidonsa umkanye lezigwebo.
USiyaya uphinde wagwetshwa iminyaka engu-14 ngamacala okubulala abekade ethweswe wona futhi akakulungele ukuba nezincwadi zokushayela, aphucwe zona. Inkantolo ithe ingu-20 iminyaka azoyibhadla ejele
Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane uthe ukugwetshwa kukaSiyaya ngale ndlela kuyigxathu elikhulu kwezobulungiswa.
“Kuzohamba ibanga elide ekuhlwayeleni imbewu entsha kubashayeli ukuthi bafunde ukuthi ubumqoka bokugcinwa kwemithetho yemigwaqo bungakanani.
”Ukugwetshwa kukaSiyaya kuzokwenza nemindeni iphole amanxeba,” kusho uNcalane.
UNcalane uthe nabanye abashayeli kuhlanganisa nabamaloli kumele bafunde isifundo kule ngozi.
“(Isinqumo sizosiza) nokubuyekeza imithetho yemigwaqo ezweni ukuze iqine kakhulu kunakuqala.
“Abashayeli mabaqonde ukuthi ubudedengu babo bungaholela ekutheni kuvaleke imizi eminingi,” kusho uNcalane.
Uphiko lezokushushisa iNational Prosecuting Authority KwaZulu-Natal isamukelile isinqumo senkantolo esiyingqophamlando.
UMbuso obuholwa uMshushisi u-Advocate Krishen Shah ubize ofakazi abawu-12 okukhona nochwepheshe nobamakhamera ayeselolini.
Abashona babe neminyaka ephakathi kwemihlanu kuya kwengu-28 iningi labo kungabafundi.
Emuva kwengozi uSiyaya wadla phansi kodwa wagcina eboshiwe ngosuku lwesigameko uSepthemba 16.