IKHEMIKHALI esetshenziswa ngabalimi ukubulala izinambuzane ezicekela phansi isivuno emapulazini, iyona eyimbangela yokufa kwezingane eziyisithupha zaseNaledi eSoweto eGauteng. Izingane zishone emuva kokudla ama-chips ezaziwathenge esitolo sowokufika, emasontweni amabili edlule.
Esithangamini soNgqongqoshe beminyango ehlukene kahulumeni nabezindaba ebesiseGoli, obekuhloswe ngaso ukunekela izwe ngemiphumela yalolu phenyo olusaqhubeka, kuvele ukuthi ukuhlolwa kwezidumbu kuveze ukuthi bagwinya i-organophosphate terbufos, okuyisibulali zinambuzane okungavumelekile ukuthi sisetshenziswe ezindaweni okuhlala kuzo abantu, kodwa esenzelwe abalimi emapulazini.
Ekhuluma kulesi sithangami uDkt Aaron Motsoaledi onguNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo, uthe ama-chips atholwe amaphoyisa kwenye yezingane ezishonile athathwa ayohlolwa kwatholakala ukuthi awanayo ikhemikhali, okuveza ukuthi lobu buthi izingane zibuthole ephaketheni lawo.
“Okwamanje amasampula athathwe esitolo okwathenga kuso izingane asadluliselwe ukuyohlolwa ukuthi awanawo yini le khemikhali. Uma kutholakala ukuthi anayo sesizobe sesikwazi ke ukweyamanisa isigameko nesitolo,” usho kanje.
Uthe izinkomba ziveza ukuthi kungenzeka ukuthi umnikazi wesitolo wasebenzisa le khemikhali ngenhloso yokubulala amagundane nokunye, wathi kodwa kuzolindwa uphenyo uma kutholwa ukuthi wayisebenzisa, athweswe amacala.
Uveze ukuthi eminye imiphumela yophenyo iveza ukuthi ikhemikhali yangena ngesikhumba, okukholakala ukuthi kungenxa yokuthi izingane zathinta okunayo.
Phambilini kusanda kwehla lo mshophi, amaphoyisa abophe abasolwa abane enxanxatheleni yezitolo eGoli, abadedelwe ngesexwayiso nenhlawulo ka- R2 000 umuntu ngamunye. Omunye wabanikazi bezitolo khona eNaledi wayegonyuluke ukuthi wathenga ikhemikhali eyisibulali zinambuzane esinobungozi, i-Aladicarb kubona.
UMnuz Senzo Mchunu owuNgqongqoshe wamaPhoyisa naye obeyingxenye yalesi sithangami, unxuse abazali ukuthi bangavumeli izingane zabo zithenge okudliwayo noma yikuphi ukugwema lezi zigameko ngesikhathi kusaqhubeka uphenyo.
OwoMnyango wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane uNkk Stella Ndabeni- Abrahams, uthe bayazi ukuthi kunabakhiqiza ukudla ngokungemthetho, bangalandeli imigudu efanele.
“Abezitolo ezincane bathenga ukudla kubakhiqizi bakho. Kuwudaba oluhlukile uma umkhiqizo abawuthengile bewulayisha ezitolo zabo. Kudingeka ukuthi kuqalwe imikhankaso ebhekiswe kosomabhizinisi abancane ukuthi yikuphi okumele bakuthenge nokungamele,” usho kanje
Uthe lapho bethenga khona kumele baqinisekise ukuthi ababadayiselayo balandela imigudu yokukhiqizwa kokudla.
Ngesonto eledlule abafundi abawu-22 baseNgaqa Primary eMtubatuba bangeniswe esibhedlela emva kokudla ama-chips abawathenge kodayisa okudliwayo ngaphandle kwamasango esikole, kodwa babuye badedelwa. Lezi zigameko sezilethe ukukhathazeka ezinhlakeni eziningi zomphakathi ezifuna kuqiniswe imithetho yokudayiswa kokudliwayo.