UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal, usuthembise othisha abebemakela u-matric ukuthi kuzoshaya uKhisimusi, sebeyitholile imali yabo yokwenza lo msebenzi.
Lo mnyango uphinde wathembisa ngokuthi ngelizayo, othisha bazophohlozelwa nemali abayithola minyaka yonke ngokusebenza kwabo, i-pay progression.
Othisha bathola u-1.5% kanye ngonyaka ngaphezu kwemali abasuke beyitholile yokunyusa amaholo.
Izinyunyana zothisha zakhala ngokuthi lo mnyango awufuni ukuphumela obala, ubeke usuku lokukhokha le mali ye-pay progression, ekubeni eminye iminyango yezemfundo kwezinye izifundazwe, isiyayikhokha.
Okhulumela umnyango esifundazweni, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthembise abebemaka ukuthi imali yabo bazoyithola.
“Ngiqinisekisile nomphathi wezimali emnyangweni ukuthi abebemaka imali yabo izongena ngaphambi kukaKhisimusi,” kusho uMlotshwa.
Izinyunyana iSadtu, Natu, SAOU neNaptosa, zakhipha isitatimende zikhala ngokuthi lo-1.5% okumele utholwe othisha esifundazweni abakawutholi.
Isitatimende sithe ibamba likangqongqoshe eMnyangweni wezabaSebenzi nokuQasha, lafaka ngaphandle kwesivumelwano imali engu-3% yokunyusa amaholo izinyunyana eziningi ezaziyichitha.
“Ngemuva kokufakwa ngenkani kwalo-3% wokunyusa amaholo, kwakumele kungene u-1.5% wokuthi sisebenze kahle kulo nyaka. Nomnyango wesifundazwe wawufaka u-3% wokunyusa amaholo kodwa dololo u-1.5%.”
Lezi zinyunyana zithe zifuna le mali ikhokhwe ngokushesha isukela kuJulayi, walo nyaka.
Lezi ziyunyana zikhale nangendlela umnyango owenza ngayo kancane uma kumele ukhokhele othisha imihlomulo yabo. Esitatimendini, uMlotshwa uthe umnyango uyazi ukuthi unesibophezelo sokuthi ukhokhele othisha lo-1.5% we-pay progression.
Uthe lonke uhlelo lubanjezelwe ukunqanyulwa kwesabelomali somnyango.
“Ngokusizwa ngumqondisi jikelele womnyango kuzwelonke kuxoxwe nomgcinimafa kwacelwa ukuthi kukhokhwe le mali ngaphambi kokuphela kwale nyanga.”
Ubonge bonke abasebenzi bomnyango ngokubekezela.
Lo mnyango uzibophezele ezinyunyaneni muva nje, ukuthi uzokhokha le mali ngoDisemba 27, 2022.