KUMISWE amaphoyisa amabili abeyingxenye yezoqapha ukhetho, njengoba ezobhekana nokuqondiswa ubugwegwe ngenxa yokuziphatha kwawo.
UMkhuzi wamaPhoyisa kwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ukhiphe umyalelo wokuthi kuthathelwe amaphoyisa amabili izinyathelo, ngokubonakala ephula umthetho wamaphoyisa ngendlela aziphathe ngayo nokwehlisa isithunzi samaphoyisa.
Amaphoyisa asolwayo kuthiwa abonakale kwi-video egqoke umfaniswano wamaphoyisa, ehamba ngemoto yamaphoyisa yaseSundumbili, ethatha uzakwabo obengekho emsebenzini esikhungweni sokuvota egqoke nomfaniswano weqembu lepolitiki.
Lokho kuholele ekutheni uMkhwanazi ayalele ukuthi lamaphoyisa asuswe ngokushesha ohlwini lwamaphoyisa aqaphe ukhetho. Uthe amaphoyisa kumele aziphathise okwamaphoyisa ngaso sonke isikhathi ahloniphe nesifungo angaphansi kwaso njengombutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika.
“Sengikusho izikhathi eziningana lapha kwaZulu-Natal ukuthi amaphoyisa awaziphathise okwamaphoyisa ayekele ipolitiki kosopolitiki. Ngihlala ngikusho futhi ukuthi amaphoyisa angakhankaseli amaqembu epolitiki. Okwenziwe yila maphoyisa akwamukelekile futhi ukuziphatha kwawo kuwukubukela phansi umsebenzi osuwenziwe wokuqinisekisa ukuthi sibe nokhetho olukhululekile noluphephile. Uthe lamaphoyisa azoquliswa ngaphakathi emaphoyiseni ngokuziphatha kwawo,” kusho uLieutenant General Mkhwanazi.
Amaphoyisa anxuswa ukuthi aphathe wonke amaqembu epolitiki ngokufana nangenhlonipho. Kuthiwa amaqembu awabike konke akubona kungahambi kahle emaphoyiseni futhi akekho ongaphezu komthetho.
Amaphoyisa aphambana nomthetho kuthiwa kuthiwa azobhekana nemiphumela yomsebenzi wawo.