KUKHISHWE isexwayiso esishubile kothisha abangamalungu eSadtu ukuthi bangalokothi batholakale bedayisa izikhala eMnyangweni wezeMfundo, bangathathi ngozipho emalini yezikole, bangebi ukudla kwabafundi nokuthi bangalinge babanjwe bebhaxabula abafundi.
Lesi sexwayiso sikhishwe ubuholi obusha bale nyunyana obubuyiselwe ngo-elethu engqungqutheleni yakamuva ebiseGoli.
ISadtu yethule nomkhankaso wokulwa nokuncishiswa kwesabelomali sezemfundo. Kunxenxwe ohulumeni bamazwe ukuthi banyuse isabelomali sokuxhasa ezemfundo.
UMengameli wale nyunyana, uMnuz Magope Maphila, uhlabe ikhwelo kumalungu ukuthi angatheli ngehlazo le nyunyana.
“Asifuni kube namalungu ethu azotholakala edayisa izikhala. Kuyaziwa ukuthi icala ukudayisa izikhala ngakho asilindele ukuthi kuzoba nelungu leSadtu elizobanjwa lenza lo mkhonyovu,” kusho uMaphila.
Uthe okunye, indaba yokuthi othisha babandakanyeke ekudliweni kwemali yesikole, ukwebiwa kokudla kwabafundi kanjalo nalabo abasashaya abafundi.
“Kumele sibakhumbuze othisha ukuthi kuyicala ukusebenzisa induku ezikoleni ngoba yavalwa. Asifuni kube namalungu ethu azobanjwa enza zonke lezi zinto.”
Uthe abenza lo mkhuba kuyohlwa emini kubona uma besebenzisa igama leSadtu.
Uqhube wathi abahambisani nokuncishiswa kwesabelomali kwezemfundo, wathi yinto abazoyilwa.
“Sithule umkhankaso wokuthi kuphele ngokuncishiswa kwemali kwezemfundo. Sifuna uhulumeni axhase ezemfundo ngoba sizolwa nokuthi kudilizwe othisha,” kusho UMaphila.
UNobhala Jikelele weSadtu, uDkt Mugwena Maluleke, uthe lo mkhankaso wokuxhaswa kwezemfundo yinto abafuna yenzeke emhlabeni jikelele.
Uthe imfundo yilungelo lawo wonke umuntu ngakho ukunqamula isabelomali sezemfundo kufana nokujivaza leli lungelo.
“Sifuna kube nezimo ezikahle zokusebenza kothisha. Abakhokhelwe amaholo abafanele, bangashiywa ngaphandle labo abafundisa isisekelo sezemfundo i-Early Childhood Education (abafundisa kusuka ezinkulisa kuya kusigaba 4),” kusho uMaluleke.
Uthe abafuni nokuthi kuthathwe imali ezinhlelweni ezifana nokuhlinzekwa kokudla, ukuthuthwa kwabafundi, imali enikwa izikole, imali yezincwadi kanjalo nanoma yini ethinta ezemfundo.
Uveze nokuthi umthelela wokuncishiswa kwesabelomali uzokwenza kugcwale ngokweqile emakilasini kwande umthwalo kothisha.
Kuxwayiswe noNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, ukuthi uma ehluleka ukuqinisekisa ukuthi uyasebenza umthetho wezikole okunemvunge ngawo, i-Basic Education Laws Amendment (BELA) Act, kukhona okusina kumjeqeza.
“Asinqeni ukumtshengisa ukuthi thina singobani,” kusho uMaphila.
Abanye abaholi ababuyiselwe ezikhundleni zabo, kubalwa uMnuz Mabutho Cele kwesePhini likaMengameli, iPhini likaNobhala Jikelele uMnuz Nkosana Dolopi, uMgcinimafa uNksz Lindiwe Motshwane, obhekele ezobulili uNksz Dudu Nkosi, obhekele ezemidlalo, ubuciko namasiko uNksz Nolitha Mboniswa nobhekele ezemfundo uNksz Faseega Solomon.