UHULUMENI KwaZulu-Natal, uthi uzosebenzisana neziphathimandla zabaqaphe imingcele ehlukanisa isifundazwe namanye amazwe, ukuqinisekisa akukho mpahla noma umuntu ongena ngokungemthetho.
Ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni nezimeya zomasipala abehlukene kulesi sifundazwe eThekwini, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uthe ukuqiniswa kwemingcele engenela esifundazweni kungelinye lamaqhinga uhulumeni wesifundazwe azogxila kuwo, ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu.
Inhloso yomhlangano bekungukunikeza umhlandlandlela komasipala, emva kwesimemezelo sokushicilelwa komthetho oqukethe imigomo okumele ilandelwe womasipala ekuqiniseni isandla ngokudayiswa kokudliwayo. Lesi simemezelo senziwe nguNgqongoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu uMnuz Velenkosini Hlabisa kuleli sonto.
Lokhu kulandela ukudlanga kwezigameko zokugula nokushona kwezingane okusolakala ukuthi zisuke zithenge okudliwayo ezitolo nakwabathile abadayisayo, ezibikwa ezifundazweni ezehlukene.
“Ukudla nezimpahla okungena esifundazweni kuzohlolisiswa ukuqinisekisa ukuthi kukulungele ukungena kuso. Esikutholayo ukuthi abezitolo imvamisa okungabofika, bahlala ngokugcwele ngaphakathi ezitolo ngoba kuthiwa balala khona, bageze benze nezinye izinto ngaphakathi endaweni abasebenzela kuyo, okuyinto ekhathazayo uma kubhekwa ngokwezenhlanzeko,” usho kanje uHlabisa.
Phakathi kwezinhlelo azibalulile uhulumeni ukuthi uzoziqinisekisa, ukufundisa nokuqeqesha abanikazi bezitolo ezincane nababasebenzelayo ngokuphathwa kokudla, ukukugcina nezindlela zokukupheka. Uthe kuzoba nemikhankaso yokuqwashisa umphakathi ngezinto okumele uziqaphele uma uthenga okudliwayo ezitolo nokuthi ibikwa kanjani indawo edayisa ukudla engayilandeli imigomo ebekiwe.
UHlabisa uqhube wathi ababhekelele ezempilo bazohambela ezitolo ezidayisa ukudla ngenhloso yokuhlola ukulandelwa kwemigomo. Omasipala kuthiwa bazosebenzisana nezinhlangano ezisiza umphakathi ezingenzi nzuzo ekulweni nalesi sihlava.
UNtuli uthe inhloso yemikhankaso akukona ukulwa nabokufika kuleli kodwa uhulumeni uzama ukugwema ukubhebhetheka kwalesi sihlava.
Siyakhula isibalo sabantu abashona ngemva kokudla abasuke bekuthenge ezitolo kuleli, okugqame kakhulu kwezabokufika
Ezinye izifundazwe seziqalile ukuqinisa isandla, njengoba eGauteng, kumiswe ukudayisela abafundi ukudla ezikoleni. Kumasipala iKing Sabata Dalindyebo e-Eastern Cape, bekungenwa ezitolo ezincane kushaqwa ukudla okutholalaka ukuthi kuphelelwe yisikhathi ngenhloso yokuthi kulahlwe.
Esifundazweni iWestern Cape, eCape Town, kuboshwe abasolwa abahlanu abangabokudabuka eSomalia, abebevele enkantolo izolo ngemva kokubhadanywa bekhanda ama- sausage ngendlela engagunyaziwe futhi bengenamvume, endaweni engahlanzekile okuthiwa adluliselwa ezitolo ezincane zabokufika.