KUZOTSHALWA amaphoyisa engeziwe ezikhungweni zokuvota ezisezindaweni osekuke kwabikwa izigameko zokungabekezelelani kwezepolitiki KwaZulu-Natal, ukuqinisekisa ukuthi amalungu omphakathi avota ngenkululeko nangaphandle kokwesaba.
Lokhu kuvele enkulumweni kaMphathiswa wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi kulesi sifundazwe, uMnuz Sipho Hlomuka esithangamini nabezindaba eThekwini, okuthiwa bekuhloswe ngaso ukunekela umphakathi ngamalungiselelo amaphoyisa esifundazwe ukuqinisekisa ukuthula okhethweni likazwelonke nezifundazwe, ngesonto elizayo.
KwaNongoma ngenye yezindawo okuthiwa zizoqiniswa ngokwengeziwe ezokuphepha, njengoba inomlando ongemuhle wokubulawa kosopolitiki.
UHlomuka uthe evile ku-17 000 amaphoyisa nabanye bezinhlaka zezokuphepha, abazobe betshalwe kuzona zonke izikhungo zokuvotisa esifundazweni.
“Zonke izikhungo okuzovotelwa kuzo sezibhekisisiwe nangendlela okumele ezokuphepha zimiswe ngakhona kuleso naleso sikhungo. Njengoba ukuvota ngokukhethekile kuzoqala ngoMeyi 27 no-28, sesikulungele. Uhlelo lwethu ukuthi siqinisekise ukuthi zonke izikhungo zivikelwe nabasebenzi bekhomishini yezokhetho i-Independent Electoral Commission,“ usho kanje.
Uthe angu-1 008 amavolontiya azolekelela ukulwa nobugebengu ajutshwe wuphiko lomnyango aphathiswe wona.
Uthe kunamathimba alwa nobugebengu azohlala evivele ukuthi uma kunesigijimi esixwayisa ngokwenzeka endaweni ethile, anikele khona ngokushesha. UHlomuka uphinde waveza ukuthi kuzoba nezinkantolo eziyisipesheli ezizohlalela amacala aphuthumayo enenzeka ngesikhathi kuqhubeka ukhetho ukuqinisekisa ukuthi axazululwa ngokushesha.
Uthe kunekomiti elihlanganisa wonke amaqembu ezepolitiki ukuqinisekisa ukuthi kuyabhekwana nezimo ezingaphazamisa uzinzo esifundazweni, kanti liyahlangana njalo ukubhekana nalezi zimo.
Zingu-4 974 izikhungo zokuvotisa esifundazweni. Nakuba lesi sifundazwe sivakashelwa kakhulu amaqembu ezepolitiki ehlukene ukunxenxa amavoti, uHlomuka uthe kunenhlansi yokubekezelelana kwezepolitiki kwazise kuze kube manje njengoba zingeziningi izigameko ezibikiwe zodlame. Uxwayise abasabalalisa izinto ezingamanga ezingaphehla udllame ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bangase bathathelwe izinyathelo.
Uqinisekise ukuthi imigwaqo eya ezikhungweni zokuvotisa isesimweni esigculisayo, wathi amathimba ezinhlekelele azobe emi ngomumo ukubhekana nazo zonke izimo zezulu.
UHlomuka ubehambisana noKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, amncome ngokulwa nobugebengu esifundazweni.