BAKHALA ngokwemukwa abebeziphilisa ngakho yinkosi yesizwe, abathwebula izithombe zabantu abasuke bedlula ngasenxanxatheleni yezitolo eTugela Ferry, eMsinga, okuvela ukuthi ibaxoshile, abanye yabaphuca amakhamera abasebenza ngawo okudingeka ukuba bahlawule inkomo, uma befuna ukubuyiselwa wona.
Kuthiwa laba besilisa okuvele ukuthi isibalo sabo sevile eshumini, bacutha emasangweni ale nxanxathela ukunxenxa abasuke bedlula ngakhona ekutheni babathwebule izithombe bese bebadayisela zona. Kuthiwa othwetshuliwe uma ekhombise ukusithanda isithombe athathwe sona enganakile, bamdayisela sona okuyindlela abazenzela ngayo imali.
Nakuba lokhu bekuchaza njengokuzenzela ibhizinisi lokuziphilisa njengabantu bendawo, kodwa kuthiwa emasontweni amabili adlule, kufinyelele kwangqingetshe ngesikhathi iNkosi yesizwe uDaba Mthembu, ithumela amadoda endawo ukuthi abasuse.
Kuthiwa kuthathwe amakhamera kwabathathu abaficwa bematasa besebenza, kuvela ukuthi abanikazi bawo kumele bahlawule ngenkomo noma ngo-R10 000 umuntu ngamunye, ngokudelela umyalelo wenkosi okuthiwa sekunesikhathi izama ukubasusa.
Encwadini ebhalwe ngoJuni, esayinwe yinkosi, Isolezwe eliyibonile, okuvela ukuthi yayiqondiswe emaphoyiseni asesiteshini esisendaweni, inxusa amaphoyisa ukuthi alekelele ekususweni kwabafana abathwebulayo ngasezitolo nanoma iyiphi indawo engaphansi kwesizwe sabaThembu. Nokho asikho isizathu esibekiwe ngaphandle kokuthi iveza ukuthi akuzwenwe.
“...isimo phakathi kwethu nabo asisihle. Sibanga indawo namalungelo,” okunye okubhalwe kuyo.
Kuthintwa inkosi ikuqinisekisile ukuthi ikhona inhlawulo okumele bayikhokhe ngokudelela umyalelo wayo, bethi banamalungelo okuziphilisa.
“Emva kokuthola izikhalo kwiziphathimandla zenxanxathela yezitolo ngabahweba eduze kwalesi sakhiwo ngokungemthetho, sibayalele ukuthi basuke. Bengilokhu ngizama ukukhuluma nabo kodwa uma ngiqhamuka bebebaleka, okuthe ekugcineni ngathumela amadoda ukuthi abasuse emva kokuthi sibhalele emaphoyiseni sicela ukuthi adlulisele incwadi ebazise ngokuthi angibafuni kuleya ndawo,” isho kanjena.
Inkosi ithi kunezinsolo zokuthi abathwebuli babuye basebenzele abathile ukudayisa izidakamizwa endaweni, yathi ayifuni ukubabona benza lo msebenzi endaweni yayo.
Omunye wabo okhulume neSolezwe, onxuse ukungadalulwa, uthe okwezidakamizwa kuyamshaqisa.
“Ngeke ngikhulumele abanye ngoba sibaningi esenza lo msebenzi, mhlawumbe kukhona abasake bakubona. Ngineminyaka emithathu ngizishuthela abantu kodwa angikaze ngibone muntu kwesisebenza nabo edayisa izidakamizwa noma enza nje obunye ubugebengu. Sisebenzisana namalungu omphakathi futhi abesixhasa kakhulu kangangoba uma kuyizinsuku ezimatasa, besikwazi ukwenza imali ephakathi kuka– R150 no-R250 ngosuku,” usho kanje.
Uthe ukuthathwa kwekhamera yakhe kumphazamise kakhulu ngoba imali abeyithola ubeyisebenzisa ukondla kubo. Uveze ukuthi enye imali ubeyibekela ukubhalisa esikhungweni semfundo ephakeme njengoba ethe unephupho lokuqhuba izifundo zakhe ngonyaka ozayo aselibona lishabalala.
Uveze ukuthi phambilini ngenxa yokungaqondi, bebesebenzela ngaphakathi enxanxatheleni yezitolo kodwa emva kokukhalaza kwabaphathi bayo banqume ukuphuma basebenzele ngaphandle, bengaphazamisi muntu.
Omunye uthe akasakwazi ukuthengela ingane yakhe ubisi kwazise usebhuquza ekhaya emva kwalesi sigameko, ekubeni nakubo bebethembele kuye.
“Ngokwakhiwa kwezitolo, besazi ukuthi kuletha intuthuko kuwona wonke umuntu, ikakhulu kithina bantu bendawo. Akukho esikonile, asibambi nkunzi kodwa siyazizamela ngento futhi engaphazamisi muntu ngoba nabantu bayawuthokozela umsebenzi wethu.
“Esikufisayo ukuthi sibuyiselwe amakhamera ethu ngoba asigcini ngokuthwebula ngasezitolo kodwa sibuye siqashwe uma kunemicimbi endaweni ukuyoshutha sizenzele imali kwazise imisebenzi ayikho. Silindele ukuthi abaholi kubeyibona abakhuthaza thina njengentsha ukuqala amabhizinisi kodwa okwenziwa yinkosi kusiqeda amandla,” kubalisa yena.
Uthe bawabikelile amaphoyisa kodwa athi ngeke enze lutho ngoba athathwe ngomyalelo wenkosi endaweni yayo.