BEKUPHUME osondonzima be-MK ngesikhathi kulalelwa icala lesikhulu senhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), esiboshelwe ukwephula imigomo yokhetho.
Ubuholi be-MK okubalwa kubo umholi wale nhlangano ePhalamende, uDkt John Hlophe, nomgqugquzeli we-MK KwaZulu-Natal, uDkt Kwazi Mbanjwa, bebezifikele mathupha eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu, izolo.
Le nkantolo ibilalele icala elibhekene nesikhulu se-IEC, uMnuz Musawenkosi Mnikathi, obhekene necala lokwephula imigomo yokhetho.
UMnikathi wayeyisikhulu se-IEC elokishini iMbali, ngosuku lokhetho.
Waboshwa emva kokutholakala ehambisa amaphepha okuvota engaphelezelwe ngamaphoyisa.
Izolo, kuqala ukuqulwa kwecala, inkantolo ibize ofakazi ababili.
Labo fakazi, uMnuz Bonginkosi Mbethe, noMnuz Nkosiphendule Mthembu, babeqashwe i-MK ukuba bagade izimoto eziphumayo nezingenayo eziteshini zokuvota ngosuku lokhetho.
Bobabili batshele inkantolo ukuthi uMnikathi waphuma nemoto eyayilayishe amabhokisi anamaphepha okuvota esiteshini sokuvota esise-Unit 13, khona eMbali.
Bathe bamvimba njengoba ayengaphelezelwanga amaphoyisa.
UMthembu uthe uMnikathi wazama ukubashayisa ngemoto kodwa bangasuka endleleni.
“Wazama ukuqhubeka ahambe, ngama phambi kwemoto. Ngamtshela ukuthi akangishayise.”
UMthembu uthe babiza amaphoyisa ayesesikhungweni sokuvota, afike aphuca uMnikathi ukhiye wemoto.
Uthe emva kwalokho, kwabe sekuyiwa esiteshini sokuvota, lapho uMnikathi avulelwa khona icala.
UMbethe uthe uMnikathi walanyulelwa yibona olakeni lwabantu ababesesikhungweni sokuvota, abase bemi ngezinyawo.
Uthe kwasukuma abantu abaqhamuka emaqenjini ehlukene ngesikhath bebona uMnikathi ezama ukudlubulundela.
“Kwasukuma ngisho abantu abaqhamuka kwamanye amaqembu ezepolitiki, okubalwa neDA.”
Kusasa, ummeli kaMnikathi uzohloma uMthembu ngemibuzo.
Amalungu e-MK aphume ngaphakathi enkantolo eshayela phezulu.
Umgqugquzeli we-MK esifundeni iMoses Mabhida, uMnuz Ntuthuko Mkhize, uthe ukuqala ukuqulwa kwaleli cala kuzokwelekelela umbhidlango wabo wokuphonsela inselelo imiphumela yokhetho lwangoMeyi.
“Sihlezi sisho ukuthi amavoti ethu antshontshwa. Besihlezi sizibonela nathi amavoti ethu eyolahlwa lapho kulahlwa khona udoti lapha eMsunduzi. Njengoba icala seliqulwa nje, izwe lizobona ukuthi amavoti ethu antshontshwa ngempela.”
UMkhize uthe banethemba lokuthi uMnikathi uzothola isigwebo esiqinile.
“Uma ubheka ofakazi abakhulumile namhlanje, bonke bakhuluma into efanayo, futhi bakhulume kahle. Sinethemba lokuthi ijaji lizothatha isinqumo esikahle.”