INHLOKO yamaJaji kuleli uRaymond Zondo, ithe kuzoqhubeka ukufungiswa kwamalungu ePhalamende noma kuthiwa kunamalungu adube umhlangano.
UZondo uthe kulo mhlangano wokuqala wePhalamende okumele uhlale ezinsukwini ezingu-14 kwamenyezelwa imiphumela yokhetho, kuzokhethwa uSomlomo nomengameli wezwe.
Uthe umhlangano uyoqhubeka uma sivuma isibalo samalungu angekho ngenxa yezizathu ezithile.
“Uma nje isibalo samalungu ePhalamende senele, siyoqhubeka nomsebenzi wokufungisa amalungu ePhalamende. Umsebenzi obaluleke kakhulu ezweni ngoba kukhethwa usomlomo wePhalamende, umengameli wezwe, kanjalo nosihlalo woMkhandlu weziFundazwe,” kusho uZondo.
Ukusho lokhu eKapa ekhuluma nezintatheli kulandela ukuthola uhlu kwiKhomishini yezoKhetho lwamalungu amasha ePhalamende naweziShayamthetho azofungiswa maduzane.
Uveze lokhu nje iqembu eliholwa owayengumengameli wezwe uJacob Zuma, Umkhonto weSizwe, lisabise ukuthi lingase lidube lo mhlangano wokuqala wePhalamende lapho kuvotelwa khona lezi zikhundla, ngenxa yokuthi aleneme ngendlela ikhomishini yezokhetho ebhekelele ngayo izikhalo zamaqembu.
Ongoti kwezoMthethosisekelo bathe ukuduba kweMK ukuthamela lo mhlangano ngeke kumise ukuhlala kwePhalamende ngoba likhona noma lingekho leli qembu isibalo samalungu adingekayo ukuze kuqhubeke umhlangano sizohlangana.
“Umsebenzi obalulekile lo ozokwenziwa amajaji. Ikhona imigomo esishicilelwe okumele ilandelwe uma sekufungiswa la malungu. Kuzobe kuvuleka isahluko esisha ezweni,” kusho uZondo.
Usihlalo wekhomishini yezokhetho, uMnuz Mosotho Moepya, uthe siyaqhubeka nokwanda isibalo samalungu ePhalamende naweziShayamthetho angabesifazane.
Uthe u-43.5% wamalungu ePhalamende akhethiwe, abesifazane, abesilisa benza u-56.5%.
Uveze ukuthi iningi lamalungu akhethiwe aphakathi kweminyaka u-40 kuya ku-59.
Abaneminyaka engu-20 kuya ku-29 angu-12, aphakathi kuka-30 weminyaka no-39 abengu-67.
Aneminyaka engu-40 kuya ku-49 angu-110, aneminyaka ephakathi kuka-50 kuya ku-59 abengu-110. Aneminyaka engu-60 kuya ku-69 angu-90, kuthi aneminyaka engu-70 angu-11.
“Umsebenzi wekhomishini ukuqinisekisa ukuthi sibamba ukhetho, kukhethwe abantu abazohola izwe. Siwenza lo msebenzi ngaphandle kokuchema nokwenzelela. Uhlu esiludluliselayo liveza umbono wabantu bakuleli,” kusho uMoepya.
UZondo uthe njengoba sebethole uhlu sebeyazi ukuthi obani abantu abajutshiwe.
“Mkhulu umsebenzi ebese siwenzile ukulungiselela amalungu amasha. Okunye kwakho ukwenza imigomo ezolandelwa kanjalo nokuqoka abazongimela ezifundazweni uma sekufungiswa amalungu eziShayamthetho,” kusho uZondo.
Uthe konke abakwenzayo balandela uMthethosisekelo wezwe.