ITSHE lizogaya ngomunye umhlathi ezikhungweni zoMnyango wezaseKhaya kufika ungqongqoshe omusha othi kumele iphele indaba yolayini abade nokuthi njalo kuthiwe imishini ayisebenzi.
UDkt Leon Schreiber, ophuma kwiDemocratic Alliance, usho kanje eqeda kufungiswa ukuba wungqongqoshe walo mnyango eCape Town.
Uthe abantu bakuleli abehlise amaphaphu mayelana nomazisi oyibhukwana eliluhlaza ngoba awukazoqedwa. Usho lokhu nje ngeledlule kusabalale imibiko ebithi sekuyaphela ngalolu hlobo lukamazisi njengoba lo Mnyango usufuna ukuthi bonke abantu babe nomazisi oyikhadi.
“Yize kunjalo kodwa siyabakhuthaza abantu ukuthi bathole omazisi abangamakhadi (smart IDs) okungewona umqansa ukuwuthola,” kusho uSchreiber.
Ube esethi igeja ensimini, ufuna ukubona kuphuculwa indlela amahhovisi alo mnyango enza ngayo umsebenzi.
Ufuna kuqedwe olayini abade ababonakala ezikhungweni zalo mnyango. Ufuna nokuthi abantu balujwayele uhlelo lokufaka izicelo usebenzisa ikhompyutha.
“Kuzomele iphele le nto yokuthi imishini ayisebenzi (i-offline). Mina njengongqongqoshe ngifuna ukuthi isebenze (imishini). Kumanje sixoxisana nezinye izinhlaka ukuze siqinisekise ukuthi imishini yethu ihlale isebenza ngaso sonke isikhathi,” kusho uSchreiber.
Uyichithile imibiko esanda kusabalala ngaye ukuthi ungowaseZimbabwe.
Uthe yena akaze awubeke umcondo wakhe eZimbabwe, uzalelwe eNingizimu Afrika wakhulela khona.
Uveze nokuthi uyafisa ukuvakasha kulelizwe elingumakhelwane namanye emhlabeni angakaze aye kuwona.
“Izindaba ezingelona iqiniso ukuthi mina ngingowaseZimbabwe. Ngisho ikhomishana yokhetho i-IEC ayikuvumeli ukuthi ube yilungu lePhalamende uma ungeyena owaseNingizimu Afrika,” kuchaza ungqongqoshe.
Uchaze ubumqoka bomnyango aphathiswe wona empilweni yomuntu wathi iwona oqinisekisayo ukuthi uyisakhamuzi.
Uqhube wathi umuntu uyaxhumana nalo mnyango cishe impilo yakhe yonke kusukela ezalwa enzelwa isitifiketi noma esedlulile emhlabeni enzelwe esokufa.