KUZOPHAZAMISEKA ukuthunyelwa kwamanzi ezindaweni ezihlukene eThekwini, njengoba kuzovalwa isiteshi sokuwakhuculula i-Durban Heights Water Treatment Plant, ukuze aboMngeni-uThukela Water bezolungisa ipayipi elikhulu elithumela amanzi elibizwa u-Aquaduct 2.
Leli payipi laguguleka ngezikhukhula zika-Ephreli 2022.
Kusukela kusasa aboMngeni-uThukela Water bazobe belungisa ipayipi kanti umsebenzi uzophela ngoLwesine (Okthoba 12).
AboMngeni-uThukela Water bathe kubalulekile ukuthi balungise leli payipi elikhulu ukuze bathumele amanzi ahlanzekile kubantu.
Bathe badinga ukulivala ngesikhathi belilungisa bese befaka amabhawodi abalulekile nezinye izinsimbi ukuze umsebenzi wokuthumela amanzi uzoqhubeka kahle.
Izindawo ezingeke zibe namanzi ngenxa yokuthi zithola amanzi eDurban Heights, yiDurban North, uMhlanga, Phoenix, Inanda, Ntuzuma, KwaMashu, UMlaza, yiChatsworth, Folweni, Chesterville, Westville, Pinetown, KwaSanti, Savannah Park, Klaarwater, Verulam, Redcliffe, Richmond Farm, Shallcross, St Wendolins, Welbedacht West, Demat, Luganda, Mawelewele, Nagina neWashington Heights.
AboMngeni-uThukela Water bathembise ukuthi umsebenzi bazowuqeda ngesikhathi, baxolisa nangokuphazamiseka okungase kube khona ngenxa yalo msebenzi.
Bathe kubalulekile ukuthi balungise ingqalasizinda ukuze baqinisekise ukuthunyelwa kwamanzi ahlanzekile kubantu.