KUZOMISWA ukucishwa kukagesi ngoMgqibelo, kuze uqale ngezintatha zangoLwesibili, bese kuqhubeka ukucima okujwayelekile. Izwe lixakwe yinkinga yokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga nokuyinto ekhahlameza umnotho wakuleli.
Impelasonto kulokhu izoba yinde ngenxa yeholidi loSuku lwamaGugu oluzoba ngeSonto bese iholidi likapakela kuMsombuluko.
Isitatimende se-Eskom ebesithumele kwabezindaba, siveza ukuthi ukucishwa kukagesi kuzoqhubeka kuze kumiswe ngo-5 ekuseni ngoMgqibelo.
Emuva kwalokho ugesi uzobe ukhona kuze kubuye ukucinywa kwawo ngoLwesibili ezintatha. I-Eskom ithe ukumiswa kokucima ugesi kudalwe wukuba ngcono kwesimo sokusebenza kweziphehli. I-Eskom inxuse abantu ukuthi baqhubeke nokonga ugesi ukuze kwehle izinga lokucinywa kwawo.
I-Eskom ithe izohlala ikuqaphilie ukusebenza kukagesi ukuze ingenelele uma kunesidingo.