UNGQONGQOSHE wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnuz Super Zuma, utshele abalimi ukuthi lo mnyango uzolungisa ingqalasizinda, abale phakathi kwayo imigwaqo, ukuze kube lula kubalimi ukuthi bafinyelele ezimakethe.
NgoMgqibelo, uZuma noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, bebeseMandeni, bethula uhlelo lwezolimo olubizwa ngeYellow Plant Programme.
Abalimi baye bakhala kuZuma ngokwebiwa kwemfuyo, ukunqamuka kukagesi nangemizamo yokuqinisekisa ukuthi kunokudla okwanele ezweni.
UZuma utshele abalimi ukuthi umnyango wakhe uzobalekelela ukubhekana nazo zonke izingqinamba, wathi bazogxila kakhulu ekulungiseni ingqalasizinda yezolimo nemingwaqo ukuze kube lula ukuthi abalimi bathuthele imikhiqizo yabo emakethe.
Uveze ukuthi isifunda nesifunda sizoba nohlelo lwaso oluzolekelela kwezolimo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uthe izikhukhula zangonyaka odlule, ziye zayilimaza kakhulu ingqalasizinda yingakho belethe imishini yokuyilungisa nezinye izinsiza.
Ube esedlulisela imishini yokulungisa ingqalasizinda okubalwa oganaganda abanhlobonhlo namaloli.
Uveze ukuthi kuzokwakhiwa amadiphu, amadela, izindawo zokugcina ukudla ezinamafriji kubiywe nalapho kuzodla khona imfuyo.
“Ukuza lapha kubantu kusiza kakhulu ekutheni silwe nokubiza kokudla ngoba kuyabiza kakhulu. Uhulumeni uzobasiza abantu ngezazi ezizobheka ukuthi umhlaba ufanele ukuthi balime luphi uhlobo lokudla. UMnyango wezoLimo uzobalekelela kakhulu abalimi bethu ngezinsiza ezehlukene. Akufanele abantu bathi abasebenzi ube ukhona umhlaba abangawulima ukuze baxoshe indlala,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Ugqugqzele abantu ukuthi balime ngoba naye unayo ingadi encane lapho etshala khona amazambane nezinye izitshalo.Uveze ukuthi bazoletha nezimbewu kubantu ukuze bakwazi ukuzitshalela.
Uthe umsebenzi wokulungisa ingqalasizinda, okubalwa imigwaqo nokwakha enye ingqalasizinda yezolimo, kuzoqashwa kakhulu abantu abasha abanamakhono ahlukene.
Uphethe ngokuthi ukuhambela abantu wukubaqinisekisa ukuthi bazozigcina izethembiso abazenzile ngesikhathi bethula inkulumo eMgungundlovu.