INGASE iphele inkinga yokushoda kothisha abafundisa izifundo ezithile kuleli njengoba kunezinhlelo zokulanda othisha bakwamanye amazwe.
Lokhu kuvezwe nguMqondisi jikelele eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, uMnuz Mathanzima Mweli, otshele amalungu ePhalamende izolo ukuthi inkinga yokushoda kothisha kwezinye zezifundo ingase ixazululeke.
Uthe basebenzisana noMnyango wezaseKhaya ukulungisa le nkinga.
“UNgqongqoshe wezaseKhaya usanda kufuna amakhono ashodayo ukuze akwazi ukukhipha izimvume zabangaphandle abanalawo makhono ukuze bazofundisa kuleli.
“Le nkinga ingase iphele ngoba bazofundisa lezi zifundo esingabatholi othisha abanele kuzona,” kusho uMweli.
Uthe emkhakheni weMaths neSayensi kabasashodi kakhulu ngothisha njengoba bekwenzeka phambilini.
UMweli usho lokhu nje, baningi othisha ababhuquza emakhaya abakhala ngokuthi kabaqashiwe ekubeni beneziqu zokufundisa. NoNgqongqoshe wezeMfundo KwaZuluNatal, uNkk Mbali Frazer usanda kuyithinta eyothisha abangaqashiwe ukuthi iyinkinga enkulu.
Uthembise ukuthi uma kukhona imali abayitholayo, into yokuqala ayalele inhloko yomnyango ukuthi iyenze wukuqasha othisha abangasebenzi.
Okunye okwakhalwa ngakho ngothisha abaningi abahleli emakhaya beneziqu, wukuthi benza izifundo ezingadingeki kakhulu ezenza ukuthi kube nzima ukuthi bathole umsebenzi.
Abanye kuthiwa bathi banazo izifundo ezithile kuthi uma sekumele baveze ubufakazi, kutholakale ukuthi benza ezinye izifundo.
UMweli uthe kabanayo inkinga enkulu yokushoda kothisha ngaphandle kwezifundo ezimbalwa ezishodayo.
“Uma ubheka asinayo inkinga yokushoda kothisha ngoba baningi, kukhona nabahleli emakhaya. Inkinga nje iyona le yokuthi kasinabo abezifundo ezithile ikakhulu njengoba siqeqesha abanye ezifundweni ezintsha ezizofundwa ezikoleni okubalwa iCoding, Robotics nezinye,” kusho uMweli.