KUZOKWEHLISA isiminyaminya sezimoto esivamise ukubonakala emgwaqweni uN3 ngaseMgungundlovu, esidalwa ukulungiswa kwawo, ukuvulwa komgwaqo u-R603 obesekuyophela unyaka wesibili uvaliwe selokhu wacekelwa phansi yizikhukhula ngoDisemba ka-2021.
Lo mgwaqo, obuye waziwe ngokuthi yiMbumbulu Road, uhlanganisa izindawo okubalwa kuzo eMbumbulu, Amanzimtoti, iLovu, Adams Mission naseMgungundlovu kanti uvulwe ngokusemthethweni wuNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, izolo.
Ukuphothulwa kokulungiswa kwengxenye yalo mgwaqo eyalinyazwa yizikhukhula kuthiwa kungezinye zezinhlelo eseziphothulwe wuHlomuka njengoba izolo ubeqeda unyaka engene kuleli hhovisi njengongqongqoshe.
“Uma sikhuluma ngokuqeda unyaka wokuqala ehhovisi, kuyasijabulisa ukuthi kuhambisana nezinga lesivinini okuhanjiswa ngalo izidingo kubantu. Sithinte impilo yabantu ezingxenyeni eziningi zesifundazwe kodwa kusekuningi okumele kwenziwe,” kusho uHlomuka.
Uthe ezinyangeni ezimbalwa ezizayo bazoqhubeka nezinhlelo zokulungisa ingqalasizinda yemigwaqo, ukuthuthukisa osomabhizinisi abasafufusa nokwakha amathuba emisebenzi ngokohlelo lwalo mnyango, iS’thetha Waya Waya.
Uthe umgwaqo uzosiza ukuthuthukisa umnotho wendawo nasekuhambeni kalula kwezimoto.
UHlomuka ubehamba neMeya kuMasipala weTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda.