UMASIPALA waseThekwini uhlongoza ukwandisa isabelomali senkontileka yokwakhiwa kwemigwaqo ezohamba amabhasi awo olungakaze lusebenze, iGo! Durban.
Ibhajethi ehlelelwe lo msebenzi izokhushulwa isuka kuR20.3 million ize iyofika kuR49.8 million.
Inkontileka izokwelulwa isikhathi esiyiminyaka emibili kusukela ngo-Ephreli 1, 2024 kuze kube uMashi 30, 2026.
Lolu wuhlelo olwethulwa ubuholi obabuphethe kuMasipala waseThekwini eminyakeni elishumi eyedlule kwathiwa luyobe seluqalile ukusebenza ngo-2016.
Lapha kwakhiwa umzila wamabhasi osuka ePinetown uze uyophelela eMhlanga kukhona neziteshi esekade zaqedwa ukwakhiwa ezigadwayo okuzobe kugitshelelwa kuzona amabhasi.
Ubuholi bangaleso sikhathi bathi busophe ukuhlinzeka abantu ezokuthutha ezishibhile, ezisheshayo futhi ezizohlala zitholakala ngaso sonke isikathi.
Emhlanganweni wamakhansela kuleli sonto, imenenja kaMasipala, uMnuz Musa Mbhele ifunde umbiko obukade uphakamisa ukuthi kwelulwe inkontileka.
USomlomo uMnuz Thabani Nyawose ube esenika ithuba izikhulumi ezimbili ebezibhalwe phansi okungamakhansela oMnuz Zwakele Mncwango we-ActionSA noMnuz Bheki Mngwengwe we-ANC.
UMncwango uthe yize eyohlala ekweseka ukuthuthukiswa kwengqalasizinda kodwa beyi-ActionSA bayesaba ukuthi ayisoze yasebenza iGo! Durban.
“Sifaka imali eningi kodwa akukho namunye owaziyo ukuthi iyoke yenzeke le nto. Ayisoze yasebenza iGo! Durban,” kuchaza uMncwango.
UMngwengwe ushayele ihlombe umbiko wathi beyi-ANC bayaweseka njengoba unjalo.
“Uzosenza sikwazi ukuthi siqhubeke sakhe imigwaqo futhi sisebenzise nohlahlomali esiluthola kuhulumeni kazwelonke. Njengoba lungakaqali lolu hlelo kodwa yonke imigwaqo okumele isetshenziswe kumele ibe sesimeni esifanele,” kuchaza uMngwengwe.
Umasipala uthe kulindeleke ukuthi ungakapheli lo nyaka kuphasiswe uhlelo iGO! Durban Operations and Business Plan olubandakanya nabemboni yamatekisi.
NgoMeyi kwavunyelwana ngokuthi kutholakale ochwepheshe abazoba ngabeluleki bokuthi abemboni yamatekisi neyamabhasi bazobamba liphi iqhaza kulo hlelo olungakasebenzi.