UKUKHATHAZEKA kukahulumeni wakuleli ngezitolo izipaza nezabokufika ezidayisa ukudla okonakele nosekwedlulele yisikhathi sekwenze ukuthi kubunjwe amathimba azohlanganisa iminyango ehlukene, azogasela ezitolo ahlole ukudla.
La mathimba awazogcina nje kulezi zitolo kodwa azobheka nabadayisa ukudla emigwaqweni.
Lokhu kuvezwe nguNgqogqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, esithangamini sabezindaba izolo, emuva komhlangano weKhabhinethi.
Uthe iKhabhinethi ikhathazekile ngokwanda kwezehlakalo zokugula, kwesinye isikhathi zokushona kwezingane ezisuke zidle ukudla osekudlulelwe isikhathi noma okonakele ezikuthenge ezipaza kanjalo nakulabo abadayisa emigwaqweni.
Uthe umhlangano weKhabhinethi uveze ukubaluleka ekutheni kulandelwe imigomo ebekwe ngomasipala elawula amabhizinisi.
Uveze ukuthi amathimba azofaka uMnyango wezeMpilo, owezaBasebenzi, owezamaBhizinisi amaNcane, owezaseKhaya neminye ukuze kuhlolwe lawa mabhizinisi.
“Sifuna kubhekwe ukuthi imithetho yomasipala mayelana nalawa mabhizinisi amancane iyalandelwa. Kuzohlolwa ama-spaza shops emalokishini ukuthi ayahambisana yini nemigomo ebekiwe? Nasezindaweni zasemakhaya lolu hlelo luzofinyelela kusetshenziswana nabaholi bomdabu kanjalo nomasipala.”
Uthe bafuna kube nezinhlelo abazisebenza nabaholi bomdabu bokuthi kwaziwe isibalo sezitolo zabokufika.
“Sifuna ukuthi lezi zitolo zabokufika okubalwa nama-spaza shops zibhalise ngaphansi komthetho wezamabhizinisi kuleli. Umthetho wakuleli wezamabhizinisi ukubeka kucace ukuthi abantu bokufika bangakwazi ukwenza ibhizinisi kuphela uma kungukuthi bazotshala ngaphezu kukaR5 million kuleli.”
Inhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Nkosinathi Ngcobo, isanda kuxwayisa abazali ukuthi abafundi kumele babheke lapho bethenga khona ukudla.
Ubephawula ngabafundi baseMazabekweni Primary, okusolwa ukuthi badle amakhekhe noswidi okuholele ekutheni bagule besesikoleni muva nje.
Kuthiwa amakhekhe noswidi abakudlile bebekuthenge esitolo sePakistan esiseduze kwesikole.
Kuphoqeleke ukuthi isikole sisheshe sivalwe ngoba abanye abafundi bakulesi sikole bephalaza belunywa yizisu, bagcina sebephuthunyiswe emtholampilo oseduze kwesikole abanye bayiswa esibhedlela iChrist the King.
UNgcobo uthe umnyango usuqale uhlelo lokuhlola nokulawula ukuthi abadayisa ezikoleni bathengisa okuphephile, kodwa abakwazi ukulawula izitolo ezidayisa ngaphandle kwesikole.
E-Eastern Cape ngeledlule, kubikwe ukuthi abafundi abangu-19, baseSiseko High ngaphandle kwaseQonce, baphuthunyiswe esibhedlela bekhala ngezisu kusolwa ukuthi badle ukudla okunobuthi.
NoMnyango wezeMfundo eGauteng uzwakalise ukukhathazeka ngabafundi abangeniswa ezibhedlela kulesiya sifundazwe bejuqwa yizisu kanti kusolwa ukuthi basuke bedle ukudla okunobuthi.
Ngenyanga edlule kushone abafundi ababili eSoweto kusolwa ukuthi bathenga amakhekhe esitolo sendawo.
Ngenyanga edlule, uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uhambele eMlaza uhambe ubheka ukudla okudayiswa ezitolo zabokufika kanjalo nama-spaza shops.