KUZODLA uR4 billion ukulungiswa kwesikhungo esihlanza amanzi asesebenzile, iRooiwal Wastewater Treatment esiseHammanskraal.
Lokhu kushiwo umqondisi-jikelele woMnyango wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle, uDkt Sean Phillips, ngesikhathi kunesithangami sabezindaba izolo.
Lo mnyango noMasipala iTshwane bebezochaza ibanga eselihanjiwe lokulungisa inkinga yamanzi kule ndawo.
Bekusolwa ukuthi ukungethembeki kwamanzi aphuzwa wumphakathi wakule ndawo kungenzeka ukuthi kunomthelela ekutheni kubheduke isifo sohudo, iCholera esidlule nemiphefumulo yabantu abangu-23. Ukuhlolwa kwamanzi kuveze ukuthi alikho leli gciwane emapayipini amanzi aphakelwa umphakathi aphuma esikhungweni iMagalies, iRand Water naphakelwe umasipala.
Isikhungo iRooiwal Wastewater Treatment bese kunesikhathi umphakathi osebenzisa amanzi aphuma kuso utshelwa ukuthi ungawaphuzi, ungawasebenzisela ezinye izinto okungukuwasha nokunisela izingadi. Amanzi okuphuza umphakathi uwalethelwa ngamaloli amanzi akhokhelwa wuMasipala iTshwane.
Lesi sikhungo kwatholakala ukuthi asiwahlanzisisi amanzi ngo-2019, kwaqokwa ithenda ukuze silungiswe. Usonkontileka kuthiwa washiya engawenzanga umsebenzi.
UPhillips uthe amaloli aphakela umphakathi amanzi azoqhubeka enze lowo msebenzi kodwa amanzi asezohlolwa njalo.
Uthe umsebenzi wonke wokulungisa lesi sikhungo uzodla uR4 Billion uzokwenziwa ngezigaba futhi uzokwenganyelwa yiDevelopment Bank of South Africa (DBSA). Ukuwengamela kuhlanganisa ukulawula uhlelo lokuqokwa kwabazokwenza umsebenzi ngqo, ukukhipha imali ezokwenza umsebenzi nokunye.
UNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Senzo Mchunu, uthe ukuphakelwa komphakathi amanzi yinto okumele yenziwe, okungamele ngabe iphenduka ibe umdonsiswano wezepolitiki okuholele ekutheni kuze kuphele iminyaka eyevile kwengu-20 inkinga ingalungisiwe kodwa yaziwa.
Uthe njengamanje uMasipala iTshwane nomnyango sebevumelene ukuthi bazosebenzisana.
"Ngabe siyajabula ukuba lesi sivumelwano senzeke ngaphambi kokuthi kuphume imiphefumulo engaka. Lokhu okwenzekile kusifundisile ukuthi izinselelo ezikhona singakwazi ukuzinqoba uma sibambisene,“ kusho uMchunu.
IMeya yaseTshwane, uMnuz Cilliers Brink, ikuqinisekisile ukuthi umnyango nomasipala bavumelene ukuthi bazosebenzisana ukuze kulungiswe izinkinga zamanzi ezikhungethe lo masipala.
"Siwumasipala asinayo imali eyenele yokulungisa umonakalo owenzekile futhi asinabo nabantu abawongoti abangakwazi ukwenza lo msebenzi. Umasipala uzokhipha uR450 million wokuqala lo msebenzi. Le mali isiphasisiwe," kusho uBrink.