SIYAMSHUBELA isimo usomabhizinisi uMnuz Craig Ponnan, oboshelwe inkohlakalo yethenda kadoti kaMasipala weTheku njengoba kuphume incwadi egunyaza ukudayiswa kwempahla yakhe ka-R22 million.
Okhulumela abezokushushisa (NPA) KwaZulu- Natal uNkk Natasha Ramkisson - Kara, uthe ngo 2021 bathola igunya lokubamba impahla kodwa manje sebenikwe imvume yokuyidayisa.
Uthe impahla okukhulunywa ngayo iseZimbali ibizwa ngokuthi kuseBuhleni kanti enye iseMahogany Drive.
Uthe ukudliwa nokudayiswa kwempahla kudalwe wukuthi banenkolelo nobufakazi bokuthi yathengwa ngemali eyatholakala ngezenzo zenkohlakalo.
UPonnan uboshwe noSihlalo we-ANC eThekwini nowake waba yimeya uNkk Zandile Gumede, basolwa ngokuphambukisa imali yethenda kadoti eyizigidi.
UNkk Gumede nabanye bahamba icala lenkohlakalo eliqhubeka eNkantolo eNkulu eThekwini kanti bangaphandle ngebheyili.
Omunye ohamba le licala wuMnuz Sipho Nzuza owayeyimenenja kaMasipala weTheku ngesikhathi okusolwa ukuthi kwenzeka ngaso ubugebengu. Bonke bayawaphika wonke amacala ababhekene nawo.
UNkk Kara uthe lokhu kudliwa kwempahla idayiswe kuzosiza ekutheni kubuyiswe imali yabakhokhi bentela eyadliwa abantu abangafanele.
Uthe lokhu kuyisibonelo esicacile sokuthi bazimisele kangakanani ukulwa nenkohlakalo.
Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo lapho umbuso othe uzoqhubeka nokweneka ubufakazi ozimisele ukugojela ngabo abamangalelwa kule licala.
Sekuke kwaba nezigameko zokusatshiswa kofakazi balo kwaze kwaphoqa ukuthi kuhlehle icala bazanyelwe izinhelo zokubavikela.
Omunye ufakazi obeyisikhulu kuMasipala weTheku wesula emsebenzini naye kuthiwa ukhala ngokusatshiswa.