UMENGAMELI Cyril Ramaphosa ekhuluma emhlanganweni weBrics, okuyinhlanganisela yamazwe, afana neBrazil, Russia, China neSouth Africa, umemezele ukuthi ngoJanuwari 1, 2024 bazojoyinwa yi-Argentina, United Arab Emirates, Egypt, Iran ne-Ethiopia.
Isolezwe Online libuze uDkt Ntokozo Nzimande, ongumhlaziyi wezoMnotho e-University of Johannesburg, ukuthi kusho ukuthini ukuhlangana kwala mazwe ngokwepolitiki kanjalo nangakwezomnotho.
Uthe okokuqala nje amazwe anamandla kakhulu agcina ewaxhaphaza amandla anawo, ngokuthi afune ukucindezela amanye amazwe. “Njengoba behlangene manje ngaphansi kweBrics, nabo bazoba namandla amakhulu, kuyimanje iBrics isino 22 % ngokwamandla enawo kanti amazwe acebile aziwa ngeG7 wona ano-27% okusho kona ukuthi liyavaleka igebe elikhona,” kuchaza uDkt Nzimande.
Uthe sekuzoba lula ukusebenzisana kula mazwe nakwezomnotho kanti izohluka kakhulu indlela aphathana ngayo.
“Iqiniso nje amazwe aziwa njengacebile bese enza noma ikanjani ngoba azi ukuthi akekho ozowathinta, kodwa manje kula mazwe angaphansi kweBrics kunalawo akhiqiza u-oyela, okusho ukuthi njengoba uhlezi unyuka nje uphethroli, uma sekubanjisenwe isimo singashintsha kakhulu,” kusho uDkt Nzimande.
Uthe lokhu kusebenzisana kuzosiza kakhulu nasekucobelaneni ngolwazi, kuphinde kulekelelwane ngisho kwezobuchwepheshe. Njengamanje kwiBrics kunaneChina okwaziwa ukuthi ihamba phambili kwezobuchwepheshe, lokhu kusho ukuthi izophinde ilekelele kakhulu lawa amanye amazwe angaphansi kweBrics, kanjalo nakulawa amanye kuzokwenzeka okufanayo.
“Uyabona nje ezokumbiwa phansi , thina asiziqali phansi size siziqede, zibuyela kithina sesizithenga ngenkulu imali kodwa njengoba sekunamazwe esisebenzisana nawo, uzothola ukuthi azosicobelela ngolwazi sikwenze konke kumbe angasibizi imali enkulu njengoba kwenzeka.”
Uphethe ngokuthi lobu budlelwano buzodala inqwaba yemisebenzi. Uthe amazwe amakhulu bese enomkhuba wokuvele ahlasele amanye ngoba efuna kubekwe umuntu amthandayo noma kunokuthize akufuna kulelo lizwe. “Lokho kuzophela manje, kuzoba nokuhloniphana, into eyenzeka eLybia nako-Iraq ngeke isaba insakavukela,” kuphetha uDkt Nzimande.