UNGQONGQOSHE wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, uthi akangabazi ukuthi ingqungquthela yezinhlangano zezokhetho emhlabeni izobeka phambili abavoti.
UMotsoaledi uthe kubalulekile ukuthi kube nokuthula uma kuzoba nokhetho.
“Siwuhulumeni sinxusa izinhlangano zezokhetho ukuthi zisebenzisane nohulumeni. Okubalulekile ngukuthi kumele kubekwe phambili abavoti uma kuzoba nokhetho ukuze kugxiliswe intando yeningi.”
Ukusho lokhu evula ingqungquthela ehlanganisa amazwe angu-63 emhlabeni, i-Association of World Elections Bodies (A-WEB), okungokokuqala ibanjelwa e-Afrika njengoba iseKapa.
Kule ngqungquthela, esingethwe yikhomishini yezokhetho kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC), kulindeleke ukuthi kukhulume owayengumengameli wezwe, uMnuz Thabo Mbeki.
Kule ngqungquthela i-IEC iyona ezoqokwa ibe ngusihlalo we-A-WEB.
UMengameli Cyril Ramaphosa uthe bayajabula ukuthi i-IEC izoba ngusihlalo we-A-WEB.
Uthe emazweni ahlukene kuke kwaba nezehlakalo lapho kuthathwa khona umbuso ngejozi.
“Yingakho kubalulekile ukuba nokhetho olukhululekile emhlabeni. Nginethemba lokuthi le ngqungquthela izoyibheka indaba yemiyalezo esatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana eyenza kungabi nozinzo uma kunokhetho.”
Uthe bayayeseka i-IEC ezobe ibhekene nomsebenzi onzima njengoba izoba ngusihlalo we-A-WEB.
USihlalo omusha we-IEC, uMnuz Mosotho Moepya, ubonge usihlalo ophumayo we-A-WEB, wathi bazozibamba ziqine njengoba bengamele lo mkhandlu.
Uthe kule minyaka emibili besingethe lesi sihlalo, bazoqinisekisa ukuthi bagqugquzela intando yeningi emazweni ahlukene.
I-IEC ibonge owayengusihlalo wayo, uMnuz Glen Mashinini, obeyiphini likasihlalo we-A-WEB.
Ibonge nosihlalo ophumayo we-A-WEB, uMnuz Rajiv Kumar, obengamele ngesikhathi esinzima sokuhlasela kobhubhane iCovid-19.
I-A-WEB yasungulwa ngo-2013 ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ukhetho luba ngolukhululekile, olungachemile futhi olungenazihibe.
Kulo mkhandlu kwabelwana ngolwazi ngezinto ezithinta ukubamba ukhetho olukhululekile nezingqinamba ezibakhona emhlabeni jikelele uma kuzovotwa.