KUHLOSWE ukudala imisebenzi, kuliwe nokunqamuka kukagesi futhi kuthuthukiswe imiphakathi ngohlelo oluzocija ngamakhono intsha engu-6 000 eThekwini.
IMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda nabeKwaZulu-Natal Education Development Trust basayine isivumelwano sokusebenzisana ngoLwesihlanu.
Sisayinwe esikhungweni iShukela Training Centre, eMount Edgecombe. Imeya ithi intsha izoqeqeshwa kulesi sikhungo esifundisa imisebenzi enhlobonhlobo.
UKaunda uthe lo luhlelo lugxile kwezamandla ngakho-ke intsha izoqeqeshelwa ubuchwepheshe bama-solar.
“Izozibeka emathubeni amahle ukuthi ithathwe yizimboni ezizimele nohulumeni usebenze kwezithinta ingqalasizinda kagesi.
“Lo luhlelo luzokwenza intsha ibe yingxenye yohlelo lukamasipala lokuphehla ugesi kusetshenziswa indlela yesimanje” kusho uKaunda.
Uthe ugesi ozotholakala kulindeleke ukuthi usetshenziswe ezikoleni, ezibhedlela nasemitholampilo nasemiphakathini.
Uqhubeke ngokuthi kubalulekile ukuhlomisa intsha ngolwazi nangamakhono adingekayo, kwazise izwe libhekene nengwadla kagesi.
“Ukuze izwe likwazi ukubhekana nenkinga kagesi, kubalulekile ukucija intsha ngamakhono ngoba yiyona eyikusasa la lelizwe.
“Sijabule ngesivumelwano esisayindiwe esizodala amathuba emisebenzi angu-6 000 entsheni eyakhele iTheku,” kuchaza uKaunda.
Isigaba sokuqala sohlelo kulindeleke ukuthi kufakwe ama-solar panels ne bio-gas digester ezikoleni.
Uhlelo lwesibili kuthiwa luzogxila ezikhungweni zempilo bese kuthi olokugcina kufakwe amalambu azokhanyisa emalokishini nasemakhaya.
UKaunda uthe lokhu kuzolekelela ekulweni nobugebengu ikakhulukazi uma ucishiwe ugesi ngenhloso yokuwonga.
Uphethe ngokuthi intsha ayizoqeqeshelwa nje ukuthi uma isiqedile ifune imisebenzi kodwa bafuna uma isiqedile izimele ngokuvula amabhizinisi ayo iqashe abanye.