KULINDELEKE ukuthi kuhlukane inhloko nesixhanti ecaleni lezibhelu elithweswe owayengumsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu, obuyela eNkantolo yeMantshi eRandburg, eGauteng.
Icala libekelwe ukuthi lingene kusasa bese lisongwa ngoLwesine, okulindeleke ukuthi kuphume isinqumo sokuthi liyamlahla noma uphuma phambili. UNgizwe usekhale kakhulu ngokuthi usegqigqe ephindelela enkantolo, kungacaci ngecala lakhe, engena ezindlekweni edayisa izinkomo.
UNgizwe wazinikela emaphoyiseni ngoJulayi 2021, emuva kokusolwa ngokuphehla udlame olwashiya kukhalwa ezweni. NgoJulayi 29 waphuma ngebheyili kaR2000 kodwa uyawaphika wonke amacala asolwa ngawo.
UNgizwe ubhekene necala lokugqugquzela udlame, nelokwephula imigomo yenhlekelele, esebenzisa igama elithi ‘azikhale’ okusolwa ukuthi ubegovuza abantu ukuthi bavuke umbhejazane. Indaba isukela ekuboshweni kowayengumengameli wezwe, uJacob Zuma ogwetshwe izinyanga ezingu-15, wahlala ejele eMtshezi.
UColonel Edwin Mxolisi Nama wuyena ufakazi woMbuso oqavile, okuyiphoyisa elavula icala labopha uNgizwe. UNama uke watshela inkantolo ukuthi wabona isenzo sikaNgizwe siwukwephula umthetho, yingakho wambopha. UNgizwe usolwa ngokukhuluma nabezindaba, esonga ephehla udlame.
Uvame ukuthi uma evela enkantolo afike evunule econsa, kuchitheka injobo, ephethe nesihlangu sakhe, ehamba nabaqaphi abahlome ngezibhamu ezinkulu. Kuvame ukuba nenqwaba yabantu abamesekayo, abambiza ngomengameli wamabhinca.
UNgizwe uke waba kwenye impi yezomthetho bevulelana amacala noMnuz Sihle Zikalala, oke waba wundunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal. UNgizwe ubesola uZikalala ngokumshaya, naye uZikalala wavulela uNgizwe icala elifanayo.