KUZOBHUNGWA ngezinto ezimqoka ezithinta ukwelapha engqungqutheleni yabelaphi bendabuko ezokuba ngoJuni 24, eNewcastle.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Phumlani Dlamini odume kakhulu ngelikaMngcwab'uyahlehla ongumhleli wengqungquthela.
Ukuklwebhana okungapheli kubelapohi bendabuko bakulesi sifundazwe ngezinye zezinto athe zizoba seqhulwini.
Ukhale kakhulu ngokuthi ukungcofana nomngcele okhona phakathi kwabelaphi bendabuko kuyasithunaza isithunzi sabo.
"Eqhulwini sizodingida kabanzi ngesingakwenza ngenhloso yokuthola isisombululo ngokuklwebhana kwabelaphi bendabuko. Sikholwa ukuthi sesifikile manje isikhathi sokuthi sonke sibumbane kube khona esikwenzayo ngenhloso yokunqoba lesi sihlava,'' kuchaza uDlamini.
Udaba lwezinyanga zangaphandle ezilutha abantu bakuleli nalo uthe ngeke luze lusale ngaphandle ngoba lumqoka.
Uthe kukaningi kudicileleka phansi igama labelaphi bendabuko bakuleli ngenxa yamaphutha ezinyanga ezivela ngaphandle kwaseNingizimu Afrika.
"Kule ngqungquthela kuzoba mqoka kakhulu ukuthi kube khona amaqhinga esiqhamuka nawo azosilekelela ukuze kugwemeke umonakalo obonakala wenziwa yizinyanga zangaphandle,'' usho kanjena.
Ukhale nangomonakalo athe ubonakala wenzeka ngenxa yokuthi abelaphi bendabuko babonakala behluleka ukusebenzisa ngendlela efanele izinkundla zokuxhumana.
UDlamini uthe ukholwa ukuthi abelaphi bendabuko bangahlomula uma bengazifundisa ukusebenzisa kahle izinkundla zokuxhuumana.
"Abelaphi bendabuko kumele bazi ukuthi izinkundla zokuxhumana akusizona ezokungcofana kodwa ezokuthi zikwazi ukuzikhangisa,'' usho kanjena.
Uveze ukuthi zilinganiselwa ku-400 sezizonke izinyanga okulindeleke ukuthi zithutheleke kule ngqungquthela.
Uthe kuzoba nesikhathi lapho bezophinda bacobelelane ngolwazi olunzulu lokwelapha.
Ugcizelele ukuthi zingadlondlobala izinyanga uma zingase zizifundise ukuthobelana, ukusebenzisana nokucobelelana ngolwazi lobunyanga.